10 | Eziqedisizungu
28 Friday, 28 August 2026
NguThokozani "Tzozo" Zulu
KWESINYE isikhathi kubalulekile ukuziqonda ukuthi ukuliphi izinga ngokwempilo, nokuthi kukuphi lapho kumele udlale noma wenze amancoko.
NgoLwesibili uMzala ubeyisicukuthwane emcimbini wekhethelo wokwethulwa kwesikhwama esibizwa nge-Art Legacy Fund, obusePremier Hotel, eMhlanga.
Kulo mcimbi bekumenywe abantu bekhethelo. Kuyona yonke imicimbi bahlale bekhona oskhwili phambana nobhoko. Kulo mcimbi uMzala uzwe kuthiwa umculi owaduma kudala osephenduke isishoshovu samaciko, ubengekho ohlwini lwezimenywa zawo.
Kuthiwa lo matopane wenze konke okusemandleni ukuba yingxenye yalo mcimbi. Esengaphakathi ubungafunga ukuthi ungumhleli womcimbi ngendlela abentunta ngayo, ehla enyuka efuna ukubukwa.
Okungishiye ngikhexile futhi ngidumele ngalo mculi esengakhohlwa nezingoma zakhe, wukuthi ngesikhathi sekwenziwa iminikelo abanye abaculi nosomabhizinisi bebenikela ngemali enkulu okubalwa o-R50 000 kuyaphezulu. Unkabi lo ngoba bekungavumi ehlele ngezansi, ucele i-mic wamemezela ukuthi unikela ngo-R500 awukhiphe bukhoma.
UMzala weluleka uTzozo ukuthi akavume sesadlula isikhathi sakhe, bekungabangcono ukuthi lo R500 uwugcinile, kuyacaca ukuthi bekungowokugcina. Ngiyabonga ngoba ukwazile ukuthola isudi ubukeke uhloniphekile nawe kulo mcimbi.
NguSnqamu Sodidla
UMzala uke wayizwela ebuthongweni ingoma yale nsizwa okuthiwa uSnqamu Sodidla enezingoma ezidlisayo kulesi zinsuku.
Kuyamangaza ukubona umuntu evumbuka kuhle kwamakhowe emuva kokuduma kwezulu. Inalo ikhono le nsizwa, kodwa inani okuthiwa izoqashwa ngalo, yilona elimangaza uMzala, nelimenza angabaze imenenja yakhe okuyinyanga edumile uDr 3 Seconds.
UMzala uyamhlonipha uDr 3 Seconds kodwa siyamazi ukuthi akamuhle ezibalweni, futhi unehaba. Lo R45 000 awufunayo, ngokuqashwa kukaSnqamu Sodidla ngeke uMzala amangale uma kuthiwa uselungise ngawo isigodlo sakhe.
UNgizwe Mchunu
KUNABANTU abangazibeki empilweni oNgizwe Mchunu, ungumuntu ohlale esukela abantu njalo ukuze kunakwe yena.
Sekuyisikhathi sokuthi uMzala akutshele izindaba zakho Macingwane. Hlukana nokusola abantu ngezinto ongazazi. Ukwenzeni uMcineka njengoba usumbeka kabi kanje?
Noma ucasulwa wukuthi uzothatha inkosikazi yesibili?
Kuzomele wehlise ndoda, usumdala manje. Zolo lokhu ubugxeka uMnu Vezokuhle Nala weMathole Funerals, ekubeni izwe lonke libonile ukuthi Inkosi Yamagcokoma ifihlwe ngesizotha.
Awufunde ukuba yindoda Macingwane, uyeke ukuba nomona.