08 | Izindaba
Friday, 28 August 2026
Thandoluhle Ngubo
LIZOQALA ukuqulwa ngomhla ka-9 kuNovember, icala lokubulawa kowayengu-Nobhala-jikelele we-ANC Youth League, uMnu Sindiso Magaqa (osesithombeni esingenhla), owadutshulwa ngo-2017.
Lokhu kuvele ngoLwesine, eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu, lapho obekuvele khona abasolwa abathathu, ababhekene naleli cala.
Laba basolwa ngowayeyiMenenja kaMasipala waseMzimkhulu uMnu Zweliphansi Stanley Skhosana, nguMnu Sbonelo Myeza, owayeyiphoyisa noMnu Mbulelo Mpofana, okuthiwa ungusomabhizinisi.
UMagaqa owayeyikhansela laseMzimkhulu, wahlaselwa ehamba nozakwabo ababili, ngoJuly ka-2017.
Wadlula emhlabeni ngoSeptember ngenxa yokulimala akuthola edutshulwa. Imibiko yaveza ukuthi ukubulawa kwakhe kwakuhlobene nesenzo sakhe sokubika inkohlakalo kuMasipala waseMzimkhulu.
Kuthiwa le nkohlakalo yayithinta ukwakhiwa kwehholo (elisesithombeni esingezansi), okuthiwa ladla u-R37 million, elingakaze lilungiswe kuze kube yimanje.
UMagaqa wabulawa emuva kokubika le nkohlakalo, okuthiwa yayizofaka ozakwabo enkingeni
Kwavela ukuthi uma uMagaqa esebika le nkohlakalo, wayezokhomba ngenjumbane ozakwabo abakuKhongolose, okungowayeyimeya kaMasipala wesiFunda iHarry Gwala uMnu Mluleki Ndobe, noSkhosana.
Ngemuva kweminyaka emibili ebulewe uMagaqa, kwaboshwa uNdobe noSkhosana, kodwa amacala abo abuye ahoxiswa. UNdobe wabe esezibulala ngo-2020.
Ngonyaka odlule, icala likaSkhosana lavuka kabusha emuva kobufakazi obethulwa yinkabi okuthiwa yadubula uMagaqa, uSibusiso Ncengwa.
Ukubulawa kukaMagaqa kuthiwa
kwakuhlobene nepolitiki
Ubufakazi buveza ukuthi uNcengwa wenza isivumelwano sesigwebo nombuso. Evuma icala, waveza ukuthi ukubulawa kukaMagaqa kwakuhlobene nepolitiki.
Wabika ukuthi itulo lokubulala uMagaqa lakhiwa nguNdobe noSkhosana. Waveza ukuthi laba babathembisa ukubakhokhela u-R120 000, nokubanika ithenda
ka-R1 million uma sekubulewe uMagaqa.
Watshela inkantolo ukuthi u-R600 000 wabuye wakhokhwa, bethenjiswa ukuthi u- R500 000 uzolandela ekuhambeni kwesikhathi.
Wabika ukuthi sebeboshiwe, batshelwa ukuthi u-R500 000 uzokhokhela izindleko zecala, kodwa lokho kwangenzeka.
Watshela inkantolo ukuthi ukuvuma kwakhe icala, kungenxa yokuthi uyazisola, futhi nezithembiso kazisafezwa. UNcengwa wabe esegwetshwa iminyaka ewu-25.
Ngemuva kokugwetshwa kukaNcengwa, icala likaSkhosana lavuswa kabusha. INkantolo yeMantshi yaseMzimkhulu, yamnqabela ibheyili.