02 |Izindaba
Friday, 28 August 2026
UNGQONGQSHE wezokuVikela eNingizimu Afrika, uNkk Angie Motshekga (osesithombeni), uthi ukholwa wukuthi ukuboshwa kwezigebengu ezibanjwa emigwaqweni nezibhamu, yizidakamizwa nokunye, okuphambene nomthetho, ngeke kuyiqede inkinga yobugebengu kuleli, ngoba kazibona ongqondongqondo balokhu.
UMotshekga ubephendula imibuzo ePhalamende ngohlelo lokutshalwa kombutho wezokuvikela ezindaweni ezithathwa njengeziyingozi kuleli.
"Ngikholwa wukuthi ezobunhloli kumele zisebenze kanzima ukuthola imithombo yalapho kuqhamuka khona lezi zibhamu nezidakamizwa, kuhlaselwe lezo zizinda.
"Siyalwenza uhlelo lokutshalwa kwamasosha kodwa kalusona isisombululo. Ngikholwa wukuthi iminyango kahulumeni kumele ibambisane, kuze kuqhamuke isisombululo," esho.
SINYUKELE ku-6 isibalo sabantu baseNingizimu Afrika abanyamalele ezweni laseNepal, emuva kokuhlasela kwezikhukhula kuleliya zwe
ngoLwesithathu, ngemuva kokuzamazama komhlaba.
Lokhu kuvezwe yiziphathimandla ezibhekelele ezokuvakasha kuleliya lizwe.
Kudlule imiphefumulo yabantu engaphezu kuka-300, abangaphezu kuka-1 300 kuthiwa kabakatholakali.
Ngemuva kwalezi zikhukhula, kuthiwa zingaphezu kuka-400 izivakashi ezingaziwa ukuthi zikuphi, ezinye beziphuma emazweni okubalwa iNingizimu Afrika, yi-Australia, yi-India namanye.
Inhlangano engayenzi inzuzo yakuleli, i-Gift of the Givers, ithi ithimba layo selikulungele ukuyolekelela kuleliya zwe.
Amaphoyisa akuleli nawo athi ithimba labatshuzi nele-K9, limi ngomumo uma iNepal idinga ukulekelelwa ngotakulo.
ZIDINWE zangena emgwaqweni, zaya emahhovisi esikhwama esikhokhela abafundi abaswele, iNational Student Finacial Aid Scheme (NSFAS), izitshudeni zenyuvesi yaseCape Town.
Zibhikishela izikhalo zaminyaka yonke, okubalwa ukungakhokhelwa kwezindawo zokuhlala.
Zithi kade zizama ukuxhumana neziphathimandla zeNSFAS, kodwa zinganakwa, impendulo ingatholakali. Zithi zizodlulela ePhalamende, kuNgqongqoshe weMfundo ePhakeme nokuQeqesha, uMnu Buti Manamela (osesithombeni esingenhla).
Emukela uhla lwezikhalo zezitshudeni uMnu Waseem Carrim, ongumphathi weNSFAS obambile, uthembise ukuthi bazobuya nempendulo zingakapheli izinsuku eziwu-7.
UManamela naye uthembise ukuphendula, wathi ezinye zezinkinga eziphakanyiswe yizitshudeni, sekukaningi eziphakamisa ezinhlakeni ezifanele.
ABAHOLI bomdabu banxuse izakhamizi zakuleli ukuba zisebenzise ivoti lazo ukuzwakalisa ukunengeka ngezithe- mbiso ezingafezwa, ezihlale zithenjiswa ngosopolitiki.
Inhlangano eyangemele ukhetho eNingizimu Afrika, i-Electorial Commission (IEC), ihlangane nabaholi bomdabu ukudinginda izinhlelo zokubambisana, njengoba kuza ukhetho loHulumeni baseKhaya.
UNobhala-jikelele weCongress of Traditional Leaders of South Africa (Contralesa), iNkosi uZolani Mkiva (osesithombeni esingenhla), uthi abaholi bomdabu sebekhathele ngamanga osopolitiki uma sekusondele isikhathi sokhetho.
"Inkinga esinayo ngeyosopolitiki abahlale beqamba amanga, bethembisa okungekho. Izizwe zamakhosi zikhathele wukudlala osopolitiki.
"Isenzo sabo sesenze abantu balahlekelwa yithemba kubona uqobo (osopolitiki), nasemaqenjini epolitiki.
"Sinxusa izakhamizi ukuba zisebenzise ivoti lazo ukuqoka abantu abafisa zibamele, ohlangothini lwepolitiki," esho.