20 | Ezemidlalo
Friday, 27 March 2026
NGUMQEQESHI wenjejane yePirates, uRoscoe Krieling.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Mfanafuthi Ndlovu
UBONGA ukwesekwa yithimba labaqeqeshi beqembu elikhulu le-Orlando Pirates eliholwa ngu-Abdeslam Ouaddou, uRoscoe Krieling opheka i-Orlando Pirates Reserves ezovovana inkani nomkhaya bayo, iKaizer Chiefs Reserves koweDStv Diski Challenge ngeSonto ngo-12h00, ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.
IBucs isempini enzima njengoba ilwela ukunqoba isicoco seDDC okokuqala ngqa selokhu le ligi yasungulwa.
Isesicongweni se-log, kodwa imiswe kabi yiMamelodi Sundowns ehleli endaweni yesibili.
NGUMQEQESHI wePirates, u-Abdeslam Ouaddou.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
UKrieling ekhuluma neLANGA Lempelasonto, uthe ukwesekwa ngu-Ouaddou kunika abadlali bakhe ugqozi, naye njengomqeqshi.
"Kufanele siyishaye iChiefs kumnyama kubomvu. Kule midlalo esele sesidinga ukunqoba imidlalo emithathu. Okunginika ithemba wukuthi kule midlalo emibili eyedlule, sikwazile ukushaya amagoli awu-8.
"Ngibonga kakhulu umqeqeshi weqembu elikhulu, okuthi uma ngabe ethola ithuba, azoseseka, futhi asiphe neziyalo.
"Lokho nje kukodwa, kusho lukhulu kubadlali bami, kubanika ithemba,'' kusho uKrieling.
Isiyonke imidlalo yeDStv Diski Challenge (DDC) engempelasonto iqhathwe kanje:
KUSASA NGOMGQIBELO
EPrincess Magogo Stadium: TS Galaxy Reserves vs
Golden Arrows 10h00.
EPrincess Magogo Stadium: AmaZulu Reserves vs Orbit College Reserves 12h00.
E-UJ Soweto Campus: Siwelele Reserves vs Marumo Gallants Reserves 10h00.
EChatsworth Stadium: Durban City Reserves vs
Stellenbosch FC Reserves 10h00.
E-Isak Steyl Stadium: Sekhukhune United Reserves vs Magesi Reserves 12h00.
NGESONTO
E-Old Peter Mokaba Stadium: Polokwane City Reserves vs Mamelodi Sundowns Reserves 10h00.
EPrincess Magogo Stadium: Chippa United Reserves vs Richards Bay Reserves 10h00.
EPrincess Magogo Stadium: Orlando Pirates Reserves vs Kaizer Chiefs Reserves 12h00.