13 | Izindaba
Friday, 27 March 2026
ISHAYE IZULE noZANDILE TEMBE
AWUKHOKHELI izinga nomgangatho ezimotweni ezikhiqizwa eNingizimu Afrika, kodwa imali ihamba nentela yohlobo lwemoto oyithengile...
Uhlobo lwezimoto ezisebenzisa uphethiloli ludla kakhulu ephakethini labanikazi, ngenxa yemixhantela yentela ehamba nakho, okwahlukile emazweni angaphandle kwelaseMzansi.
Uma ucubungula intela ekhokhiswa imboni yezimoto kuleli, kuvela ukuthi izimoto zibiza ngokuhambisana nesikhathi samanje. Uma uzokhumbula ngokwemibhalo yethu edlule ebheka uhlobo lwezimoto ezidayise kakhulu ngenyanga kaFebhruwari, ukuthengwa kakhulu kwezimoto zikagesi kuyinkomba yalapho imboni yezimoto ibheke khona.
Uma uthenga imoto ekhiqizwe kuleli, ubhekana noxhaxha lwentela ekhokhwayo. Eyokuqala, ngethinta bonke abathengi, iVAT, kube yintela ekhokhiswa imoto ekhipha ukungcola emapayipini (emissions tax/CO2).
I-emissions tax/CO2, yintela uhulumeni oyikhokhisa ngenxa yokungcoliswa kwemvelo. Uma injini yemoto ikhipha umoya omkhulu ongcolisa imvelo, nentela ithi xaxa.
Kunentela entsha ebizwa nge-Ad Valorem tax, le ntela ngeyezimpunyela, okusho ukuthi imoto isuke ingeyohlobo oluphezulu ngenxa yenani layo, le ntela ingena kusukela enanini lemoto ewu-R200 000 kuya phezulu.
Intela yezimoto zabadla izambane likapondo (Ad valorem tax), iqala ku-0.75% kuya ku-30% ukulinganisa uma inani lemoto liwu-R150 000.
Lokhu kusho ukuthi kuleli uma nje ucabanga ukuthenga imoto, kumele uhlelele iVAT, yintela yenjini nomoya ewukhiphayo (emissions tax), nentela ehamba nenani lemoto.
Yikho lokhu okwenza ukubiza kwemoto kuleli kuhambisane nempilo yabanethezekile (luxury), hhayi isidingo ngqangi (essential).
Okunye okwenza inani lezimoto libe phezulu kuleli, wukuthi abashayeli baseMzansi bayayithanda imixhantela nomgangatho emotweni, kanti kwamanye amazwe abadingi okuningi, bafuna imoto enokubalulekile nokuphepha, kuphela.
Isibonelo salokhu yizinto ezifana ne-sun roof emotweni, amafastela kagesi, njalo njalo. Konke lokhu kuza nenani elithe xaxa.
Emazweni afana nelamaNgisi (UK), izinto ezifana ne-maintenance plan, i-service plan, i-road service plan uyazikhethela, kazifiki nemoto nenani ngaphezulu. Lokhu kuchaza ukuthi imithetho yezezimoto isavuna abadayisi bezimoto nalabo abaphila impilo engcono ngokwephakethe.
Yini umehluko emotweni ekhiqizwe kuleli, neqhamuka ngaphandle kwakuleli?
Njengoba sike sabika ngokwedlule, izimoto zikagesi ezikhiqizwa kakhulu kwamanye amazwe, zona kazikhokhiswa intela yokungcolisa imvelo, okuzokwenza iningi libalekele ezimotweni zikagesi ukubalekela intela yenjini ekhipa umoya ongcolisayo.
Okunye okwenza isimo sibe nzima kubathengi, wukwehla kwamandla erandi. Uma uqhathanisa imoto owawungayithola ngo-R60 000 ngo-1994, ngo-2026 usuyithola ngo-R530 000. Lokhu kuveza ingcindezi ebhekene nomthengi wemoto, okwenza kube nzima ukuthi athole izinyawo ezisheshayo.
Amanye amazwe enza okuhlukile kunezwe lethu, ngoba uhulumeni yiwo oxhasa abathengi ukuze bakwazi ukuthenga izimoto eziyilungele imvelo, okwehlisa ingcindezi kumthengi.
Okunye osekuqalile ukuzwela kubathengi, abashayeli nabagibeli, wukunyuka kwentela kawoyela ngenxa yezimpi zaseMiddle East.
Lokhu ngeke kuthikameze umshayeli kuphela, kodwa kuzoba nomthelela ekuthuthweni kwezimpahla nezingxenye (parts) zemoto, njengoba nemizila yemikhumbi ethutha izimpahla isizothathela.
Ngakho-ke intela yemboni yezezimoto inomthelela omkhulu ezintweni eziningi, nokubiza ukuthi imikhiqizo ayibe ngeyasekhaya, ukuze sigweme intela eza nokuhweba namanye amazwe.