11 | Ezikaqedisizungu
Friday, 27 March 2026
Dudlu gojasi, ubongikhonzela enhliziyweni yakho...❤️💖❤️
Le ntokazi nguTay Malekele, ibuye yaziwe ngeleFitbae. Yintokazi ezinze eGauteng, kanti ithi iqale uhambo lwayo lokuzivocavoca ngo-2017. Ekhasini layo uyayibona ukuthi kayizincishi ubumnandi. Ngumuntu oqaqa ingqondo ngokuvakasha nokuchitha isikhathi nabangani.
Wena othambisa inhliziyo noletha ukuthula enhliziyweni yami, ungangijimisa nanoma yinini ntombi, inqobo nje uma uzolokhu uphonsa leliso elingibuka ngishaywe wuvalo. Hhayi ngoba ngitatazela gojasi, ngenziwa wubuhle bakho.
Ngisadla ngoludala muntu omuhle ngithi nje kuwe "dudlu..." Ubongikhonzela enhliziyweni yakho mntanomuntu.