10 | Ezikaqedisizungu

Friday, 27 March 2026

Woza Nazo Mzala!

Image

Sengizokhathala nguNomsa Buthelezi!

KAHLE kahle lo mama okuthiwa nguNomsa Buthelezi (osesithombeni esingenhla), sengizoqala ukukhathala nguyena.

Njalo yena uma enenkinga, ubabela ezinkundleni zokuxhumana azosikhalela, asibalisele ngosizi lwakhe. Manje uzosikhalela ngokuthi abantu bamzondela ukuthi uthandana nobulili obufanayo nobakhe, yingakho engawutholi umsebenzi.

Cha sisi, akuwena wedwa onezinkinga zokusebenza eNingizimu Afrika. Sonke sinezinkinga zethu.
Musa ukwenza sengathi nguwena wedwa ozondwayo.

Gxila ekulingiseni, uyeke ukusitetemela, baningi abalingisi abangasebenzi, musa ukwenza sengathi nguwena wedwa.

Ukungasebenzi kwakho musa ukukuhlanganisa nokuthandana nobulili obufanayo, baningi abathandana nobulili obufanayo abasebenzayo. Sengiqala ukukhathala wukukhalelwa nguwena ezinkundleni zokuxhumana.


Image

Zingijabulisile izindaba zokubuyela kukaLinda Sibiya emsakazweni kodwa...

ZINGIJABULISILE izindaba zokubuya kukaLinda Mr Magic Sibiya (osesithombeni esingenhla) emsakazweni. Zinhle impela lezo zindaba.

Iyodwa vo inkinga yami ngokubuya kwalo msakazi, wukuthi njengoba esebuyela emsakazweni, kunezinto okuzomele azishiye ngemuva, kube yizinto zoKhozi FM, angangeni nazo kwiGagasi.

Mr Magic, ngiyazi uyazifela ngetemu elithi, It's Not Over Until God Says It's Over.

Nakuba la mazwi emqoka, kodwa ngibona sengathi usuwasebenzise ngokwanele manje. Mawuzame enye indlela ozosikhuthaza ngayo.

Mawuveze obunye ubuchule bokusakaza.
Ngeke baba, zama itemu elisha elizokwazi ukuthi lisikhuthaze manje. Kuningi esidlule kukhona njengezwe.

Okunye Sotobe engimthandayo, yekela izindlela zakho ezizokuqhatha nabaphathi beGagasi.

Ngiyakufisela ukuthi uhlale isikhathi eside kulo msakazo. Ngiyakuyala njengentwana yami engiyikhonzile.


Image

Halala Nomuzi Mabena!

Ngisekhona emsakazweni, ngithanda ukuhalalisela uNomuzi "Moozlie" Mabena ngokuthola umsebenzi kwiMetro FM.

Phela bese kudabukisa ntokazi ukukubona uphenduka u-nanny wengane kaDJ Zinhle, kungacaci ngekusasa lakho.

Ngiyazi ukuthi ningabangani noZihle, kodwa kuhle ukuthi kungasetshenziswa ukuxakeka kwakho, bese wenziwa isisebenzi sasendlini.

Sekungcono manje ngoba usuzokwazi nokuzithengela izimpahla zakho, ngeke usalokhu ugqoka o-hewa.

Okunye, sengifuna nokubona lapho uhlala khona, ngoba njalo wena uvela uhleli kwaZinhle. Ngiyathemba ukuthi usuzoba nendawo yakho ukuze nawe ube ngu-madam emzini wakho.

Ngaphandle kwalokhu, kangisakwazi ukulinda ukuze ngikuzwe emoyeni, ngiyazi uzogila izimanga


Image

 Waze wasiphoxa uzakwethu ebuntathelini, uNatasha

NGAZE ngaphoxeka ngomunye wozakwethu ebuntathelini, uNatasha Phiri, osebenzela inhlangano yezokusakaza kuleli, iSABC News.

Le ntatheli ebengiyihlonipha, futhi ngihlonipha namagalelo ayo ebuntathelini, ngishaqeke ngabamba ongezansi ngizwa kuthiwa yabongwa ngo-R500, ngokudlulisa i-number kaMusa Khawula kwelinye lamaphoyisa engingalithembi, uSayitsheni uFannie Nkosi.

Hhawu! Waze wawuphoxa umkhakha wobuntatheli. Mina ngazi ukuthi izintatheli ngabantu abaqotho, abahlala besekhaleni lokulwa nenkohlakalo.

Kangifuni ukungasho, ngidumele ngawe, futhi ngokwami ngabe uphucwa neziqu zobuntatheli, ngoba usehlisile isithunzi salo mkhakha, okufanele ngabe ngowabantu abaqotho.