04 | Izindaba
Friday, 27 March 2026
uMzokoloko
Gumede
Uzongena noLuyanda Khambule phakathi nezinsuku, emini kuya ntambama...
Kuphelile ngoSimtho Dladla wezemidlalo...
Lucky Cain
UBEMATANISWA neGagasi FM nakuba bese kuphele cishe iminyaka emihlanu awushiya lo msakazo uMzokhona "Mzokoloko" Gumede, okhuza ibuya kuwona.
UMzokoloko wethulwe ngoLwesithathu nabanye abasakazi abasha kulo msakazo emcimbini obuseBrown Sugar, e-Oceans Mall, eMhlanga.
IGagasi limemezele ukujoyina kukaLinda "Mr Magic" Sibiya, nokukhuza ibuya kukaMzokoloko phakathi kwezinye zezinguquko ezinqala ezilindeleke kulo msakazo, kusukela ngomhla ka-1 ku-Ephreli nonyaka.
UMr Magic uzoshayela uhlelo lwaphakathi nezinsuku ekuseni, kusukela ngehora lesihlanu kuya kwelesithupha, nolwangeSonto kusukela ngo-6 kuya ku-9 ekuseni.
NguLinda Sibiya ozozwakala kwiGagasi FM.
UMzokoloko uzongena noLuyanda Khambule phakathi nezinsuku, kusukela emini kuya ehoreni lesithathu ntambama.
Ekhuluma neLANGA Lempelasonto uMzokoloko, uthi uzizwa ejabulile ngokukhuza ibuya kulo msakazo awuthatha njengomndeni wakhe.
Uthe obekuhlale kumumangaza ngesikhathi engasekho kulo msakazo, wukuthi abantu bebehlale bemumatanisa nawo, nakuba eseke wasakaza oKhozini FM, kanjalo nakwiVuma FM, asanda kuyishiya.
Uthe ebantwini abaningi abelokhu ehlangana nabo, bebesamthatha njengoMzokoloko weGagasi.
Uthe uyayihlonipha yonke imisakazo asebenze kuyona, wabonga nethuba lokusakaza kuyona, ebalula Ukhozi neVuma FM, aveze ukuthi ushiye kahle kuyona, futhi wabanika nesikhathi sokusula.
Uthembise abalaleli beGagasi uhlelo abazoluthokozela, oluhambisana nezingxoxo nezihloko abazozithakasela. Uthe kuningi okuzokwenza abalaleli bagxile ohlelweni lwakhe noLuyanda, ngoba luzobe luqukethe konke okuhambisana nesikompilo.
Emcimbini wokumenyezelwa kwezinguquko kulo msakazo kuvele ukuthi uSonic obeshayela lolu hlelo ngokubambisana noKhaya Mthethwa osulile, usezongena ebusuku phakathi nezinsuku, aphinde angene ngezimpelasonto noHappygal.
Ezinhlelweni zemidlalo, kuphelile ngoSimtho Dladla noMike Makaab kulo msakazo, njengoba ezemidlalo sezizokwenziwa nguXolile Mpisane ngoMsombuluko kuthi ngoLwesihlanu uhlelo lwethulwe nguSport Mjita.