05 | Izindaba
Friday, 26 September 2025
NGUMNU Dumsani Kunene (58) nengoduso yakhe, uNkz Ndoni Thabede, asezinhlelweni zokushada nayo.
IZITHOMBE: ZITHUNYELWE
Phumlani Gama
UKHUTHAZA isithembu kwabesilisa umfundisi waseZayoni ozokube eshadelwa yinkosikazi yesi-8 mhla ka-4 ku-October nonyaka.
UMfu Dumisani Kunene (58), waseMadanyini, oPhongolo, uzobopha elikasofa-silahlane noNkz Ndoni Thabede (29) waseMkhonjeni, eJozini.
UKunene - odume ngegama likaBafazifazi - ungumholi webandla lamaZayoni, Abalindi beNkosi Church In Zion.
Unezingane eziwu-24.
Uthi umndeni wakhe uwondla ngemali ayithola ngokwelapha abantu.
Echaza ngesithembu sakhe, uthe wanquma ukuba wonke amakhosikazi akhe ahlale emzini owodwa, emuva kokuyalelwa ngabangasekho, athi baphila kuyena.
Uthe kalikho igema lokuvakashela inkosikazi ngayinye.
"Wonke amakhosikazi ami ngahlala nawo phansi, ngawatshela ukuthi lapha ekhaya kalikho igema lokuya endlini yenkosikazi, ngoba kuzokwenzeka ngiye endlini yomunye, kanti inhliziyo isalangazelela emuva. Amagema ayaxabanisa.
"Kuyenzeka ngihlale isonto kumuntu oyedwa, kodwa ngibe 'ngikhuleka' ezindlini zabanye nangezithuba zasemini.
"Bahlala ekhaya elilodwa kodwa bapheka ngokwahlukana, ngoba ngigwema impi engaqubuka uma kuzophekwa ukudla okungahambisani nomunye," kusho uKunene.
Uthe akanankinga namadoda angenaso isithembu, kodwa yena uyasikhuthaza kwabesilisa.
NGUMNU Kunene.
Ekhuluma neLANGA Lempelasonto uNkz Thabede, uthe usefisa ukuthi ngabe selufikile usuku lomgcagco.
"Ubaba uKunene ngahlangana naye edolobheni eJozini, wabeka amagama. Wayelokhu elukhuluma lolu daba, ngagcina sengivumile.
"Ngizizwa ngijabule kakhulu ngokuthi sengizoba yingxenye yomndeni walapha ekhaya ngokugcwele," esho.
UNkz Thabede uyokwelama uNkk Dumazile Kunene, uMaDlamini, nguNkk Jabu (uMaGama), nguNkk Hlalaphi (uMaZulu), nguNkk Sindi (uMaFakude), nguNkk Nelly (uMaNkosi) noNkk Welile (uMaFakude), abangamakhosikazi kaKunene.