17 | Ezemidlalo
Friday, 26 September 2025
NGUMQEQESHI weDowns, uMiguel Cardoso (ophakathi).
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Senzo Sokhela
UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, uveze ukuthi ngeke nangengozi bazixake ngokufuna umdlali ozovala isikhala sikaLucas Ribeiro Costa ngoba lokho ngeke kube lula ukwenzeka.
IDowns iguqiswe yiLamontville Golden Arrows ngo-1-0 wegoli likaJunior Dion koweBetway Premiership ngoLwesithathu ntambama eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.
URibeiro obengumdlali weDowns, uvele wasula isigubhukane kule kilabhu esanenkontileka nayo, wavumbuka kwiCyD Leonesa yaseSpain, emethule njengomdlali wayo omusha.
NGU-LUCAS Ribeiro - esagijima kwiDowns - edukisa isitobha seBorussia Dortmund, uDaniel Svensson ngesikhathi la makilabhu ebhekene koweFifa Club World Cup, owaphela ngo-4-3, kudliwa iSundowns.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Udaba lukaRibeiro neDowns selukwiFifa.
UCardoso ebuzwa ukuthi ngabe kabakuzweli yini ukungabikhona kukaRibeiro, nokuthi ngabe ukhona yini umdlali abahlela ukuvala isikhala sakhe ngaye, uthe: "Ngeke ngizixake ngokufuna umdlali ozovala isikhala sikaRibeiro, okufanele sikwenze thina wukuthola abanye abadlali abangolunye uhlobo, abazokwenza ikilabhu ibe ngcono.
"URibeiro ungolunye uhlobo lomdlali olungajwayelekile, ukwazi ukuthwala ikilabhu eyedwa. Kulo mdlalo wethu ne-Arrows nje, nginesiqiniseko sokuthi kukhona abezosiqhamukela nakho.
"Kufanele sikwamukele ukuthi usehambile, usewumlando, futhi naye ushiye umlando lapha ekilabhini," kusho uCardoso.
IDowns izodlala neRichards Bay FC koweBetway Premiership ngoMgqibelo ngo-20h00 eLucas Moripe Stadium.
Imidlalo yeBetway Premiership engempelasonto imi kanje:
NGOMGQIBELO
EKing Zwelithini Stadium: Golden Arrows vs Orbit College 15h00.
E-Old Peter Mokaba: Polokwane City vs Sekhukhune United 15h00.
EChatsworth Stadium: Durban City vs Magesi 20h00.
ELucas Moripe Stadium: Mamelodi Sundowns vs Richards Bay 20h00.
NGESONTO
EDr Petrus Molemela Stadium: Siwelele vs Marumo Gallants 15h00.
EBuffalo City Stadium: Chippa United vs Stellenbosch 17h30.