22 | Ezemidlalo

Friday, 26 September 2025

Owe-Atletico wenqaba nomdlali ogaqelwe yiBarcelona

Uzonxenxa abaphathi ukuqinisekisa ukugcina uJulian Alvarez oyisilomo
Image

NGUMQEQESHI we-Atletico Madrid, uDiego Simeone.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UMQEQESHI we-Atletico Madrid yaseSpain, uDiego Simeone, ushaya phansi ngonyawo ngomdlali wakhe uJulian Alvarez okuvela ukuthi ufunwa uthuli yiBarcelona okuthiwa imnunusela ngetshe lemali.

I-Atletico ibuyise isithunzi sayo ihlula iRayo Vallecano ngo-3-2 koweligi ngoLwesithathu. Le kilabhu - eyiqale kabi isizini - ibukeka isiqala ukwenza kangcono njengoba isinqoba nemidlalo.

"Ngeke ngikwazi ukudedela umdlali wethu ohamba phambili. Ngiyamjabulela ngokuthi uthole amagoli amathathu, okuyiwona enze sathola amaphuzu aphelele.

"Kubalulekile ukuthi sibagcine bonke abadlali bethu ngalesi sikhathi.

"Siyazi ukuthi kakuyona into elula (ukubagcina bonke), kodwa ngizonxenxa abaphathi ukuba bangalenzi iphutha lokumdedela. Sethemba ukuthi ukunqoba lo mdlalo kuzokwenza siye emdlalweni wethu womkhaya neReal Madrid sisesimeni esihle kakhulu.

"Siyazi ukuthi kuzokuba wumdlalo onzima, kodwa siwulungele," esho.

Image

NGU-JULIAN Alvarez equkulwe nguzakwabo, uDavid Hancko, bejabula.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

I-Atletico neMadrid bazobhekana koweSpanish La Liga ngoMgqibelo ngo-16h15.

IMadrid ephucwe isicoco seligi yiBarcelona ngesizini edlule, kayigayelwa mphako njengoba iqoba kwasani oluvuka phambi kwayo.

Isayinqobe yonke imidlalo ewu-6 yeligi esayigijimile kule sizini, okuyenza ihlale esicongweni. NgoLwesibili ibhubhudle iLevante ngo-4-1. 

Ngakolunye uhlangothi, i-Atletico isendaweni yesi-9. Isanqobe kabili, yadlala kathathu ngokulingana, yahlulwa kanye.

Isiyonke imidlalo yeSpanish La Liga ihlelwe kanje:
NGOLWESIHLANU
Girona vs Espanyol 21h00.
NGOMGQIBELO
Getafe vs Levante 14h00.
Atletico Madrid vs Real Madrid 16h15.
Mallorca vs Deportivo Alaves 18h30.
Villarreal vs Athletic Club 21h00.
NGESONTO
Rayo Vallecano vs Sevilla 14h00.
Elche vs Celta Vigo 16h15.
Barcelona vs Real Sociedad 18h30.
Real Betis vs Osasuna 21h00.
NGOMSOMBULUKO
Valencia vs Real Oviedo 21h00.
* Eye-English Premier League (EPL):
NGOMGQIBELO
Brentford vs Man United 13h30.
Leeds vs Bournemouth 16h00.
Chelsea vs Brighton 16h00.
Man City vs Burnley 16h00.
Palace vs Liverpool 16h00.
Forest vs Sunderland 21h00.
Tottenham vs Wolves 21h00.
NGESONTO
Aston Villa vs Fulham 15h00.
Newcastle vs Arsenal 17h30.
NGOMSOMBULUKO
Everton vs West Ham 21h00.
* EyeSerie A yase-Italy:
NGOMGQIBELO
Como vs Cremonese 15h00.
Juventus vs Atalanta 18h00.
Cagliari vs Inter Milan 20h45.
NGESONTO
Sassuolo vs Udinese 12h30.
Pisa vs Fiorentina 15h00.
AS Roma vs Hellas Verona 15h00.
Lecce vs Bologna 18h00.
AC Milan vs Napoli 20h45.
NGOMSOMBULUKO
Parma vs Torino 18h30.
Genoa vs SS Lazio 20h45.