07 | Ezikaqedisizungu

Friday, 26 June 2026

Image

Usomahlaya ubonga uKhozi FM ngokumnika ithuba


Unomcimbi wamahlaya namuhla, ePlayhouse

Thandi Zondi

UBONGA uKhozi FM ngokumnika ithuba elimkhulisile usomahlaya waseChesterville, eThekwini, osezakhele udumo nangezinkulumo ezakhayo emphakathini.

USphelele “Ndlebe” Khanyile (okwesingenhla), uthi ukuthola ingosi ohlelweni lwantambama kulo msakazo, olushayelwa nguKhathide “Tshatha” Ngobe noSthandwa Nzunza, kumkhulisile ngokomqondo.

UNdlebe unengosi kulolu hlelo ayenza kulolu hlelo, ebizwa ngeZikabhoqo noNdlebe, lapho esuke ethula khona izinkulumo ezakhayo.

Image

KUSUKA kwesobunxele; nguNdlebe, nguFelix Hlophe noFlymotion.

Uthi ukwethula izinkulumo ezakhayo kulo msakazo kuneqhaza elikhulu emsebenzini wakhe.

"Sengiyakwazi ukuqonda ukuthi kunezethameli ezingithandela izinkulumo ezakhayo, kanti ezinye zingithandela amahlaya.

"Ngibheke ukuthi ngingazihlanganisa kanjani zombili lezi zethameli, ngoba kokubili engikwenzayo, kuyelapha.

"UKhozi lungilandele abalaleli abakhulile. Kunabantu abadala asebengihlonipha manje, kodwa ngingakabi kulona, ‘ngangiyintwana’ nje.

"Sekunendlela engiziphatha ngayo eyehlukile uma kuqhathaniswa nangesikhathi ngingakabi semoyeni.

"Kangikwazi ukukhuluma ngokuthi abantu mabashayele kahle, bese kuba yimina futhi owenza ubuxhwanguxhwangu emgwaqweni. Ngiyaphoqeleka ukuziphatha kahle," kusho UNdlebe.

Image

NGUSIMPHIWE Shembe ongomunye wosomahlaya uNdlebe afunde lukhulu kubona.

Lo somahlaya unomcimbi wamahlaya, owethiwe ngeleFamily/Gender Wars Comedy Show, ongoLwesihlanu, eThe Playhouse, eThekwini ngo-20:00.

Amathikithi atholakala eWebtickets, abiza u-R200 kwabangabodwana, kwabahamba ngababili (couples), awu-R350.

“Amahlaya ami ayakha. Ngixoxa ngezinto esizaziyo sonke, ezinzulu, kepha ngiziphendule amahlaya ukuze zingene kahle,” esho.

Uthi ngo-2017 wenza i-One Man Show iReal Talk with Ndlebe, eyaba yimpumelelo. Kulo mcimbi uthi wayegqugquzelwa nguFelix Hhlophe.

Uveze ukuthi okumenze wathatha isikhathi eside ukwenza omunye umcimbi walolu hlobo, wukushoda ngabaxhasi.

“Abanye engibukele kakhulu kubona njengosomahlaya osakhula; nguSimphiwe Shembe noFlymotion.

"Ngibukele kubona indlela abasebenza ngayo, ngafunda emaphutheni abawenzile, ngacosha nakokuhle abebekwenza njengabantu abayizinkakha kulo mkhakha," esho.