20 | Ezemidlalo

Friday, 26 June 2026

Kuvuka isikweletu ngobebolekiswe kwiChiefs


ICape Town City isonga ukuvulela ezase-Algeria icala kwiFifa

Image

NGUKHANYISA Mayo (okwesobunxele) enoThabiso Monyane obenguzakwabo kwiChiefs.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Mfanafuthi Ndlovu
 
UMNIKAZI weCape Town City egijima kwiMotsepe Foundation Championship (MFC), usonga ukubopha iCR Belouizdad ayisola ngokuthi imkweleta imali yokudayiswa kukaKhanyiso Mayo, ogcine esebolekwa yiKaizer Chiefs ngesizini edlule.

UJohn Comitis utshele abezindaba ukuthi iCR Belouizdad bazoyishovela kwiFifa uma iqhubeka nokugoloza ukubakhokhela imali yabo ngoMayo.

Image

NGUMNIKAZI weCape Town City, uJohn Comitis.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Ekhuluma nabezindaba uComitis, uthe ukhathazekile ngesenzo sale kilabhu sokwehluleka ngisho ukuxoxa nabo ngalolu daba, ukuluxazulula.

"Kuyiqiniso ukuthi ebholeni ungabosethemba isivumelwano osenza nekilabhu, ngoba amanye angamaqili.

"Ngikholwa wukuthi benze isivumelwano neChiefs, kepha thina kabakasikhokheli imali yethu ephelele. Le mali bekufanele bayikhokhe ngokuphela kukaFebruary.

"Kubi uma amakilabhu engazihloniphi izivumelwano," kusho uComitis.

Le ngxabano ivela nje, kalicaci ikusasa likaMayo njengoba ebenyiwa yisikimu kwiChiefs ngesizini edlule, yize ebefike kuyona ethwelwe ngeqoma.

EzikaComitis kuleli sonto zichithe uNjabulo Ngcobo, uMiguel Timm noSifiso Ngobeni abanesipiliyoni sokugijima kwiBetway premiership.

UNgcobo wagqama kwiMoroka Swallows engasekho, ngaphambi kokujoyina iChiefs; uTimm ugqame kwi-Orlando Pirates, kanti uNgobeni uke waba semabhukwini eMamelodi Sundowns.