19 | Ezemidlalo
Friday, 26 June 2026
KUSUKA kwesobunxele; nguGeorge Matlou ochithwe yiChiefs, nguTeboho Potsane osekunesikhathi wachithwa yile kilabhu, noHappy Mashiane okhululwe kanye noMatlou.
IVULELE izembe iKaizer Chiefs ixosha uGeorge Matlou noHappy Mashiane njengoba seyiqalile ukwenza amalungiselelo esizini ezayo, ethembisa ukugila izimanga kuyona ngaphansi komqeqeshi omusha, uFernando Da Cruz, waseFrance.
UMatlou kuthiwa uxoxa neStellenbosch eqeqeshwa nguGavin Hunt njengoba basebenzisana kahle ngesikhathi lo mlolongi esayibambe eziMpofaneni.
Omunye umdlali okungacaci ngekusasa lakhe kwiChiefs, uSibongiseni "Ox" Mthethwa, kuthiwa ugaqelwe ngamaZulu FC uma kungagcina ngokuthi ingelulwa inkontileka yakhe eNaturena.
NGU-LUCAS Ribeiro.
Kuzo ezithinta iChiefs, kuthiwa ilubheke ngabomvu udaba lokungabi nayo ikilabhu kukaLucas Ribeiro (28) waseBrazil.
Ne-Orlando Pirates kuthiwa imconsela amathe lo mgadli, owazakhela igama eNingizimu Afrika esagijima kwiMamelodi Sundowns ayishayela amagoli awu-30 emidlalweni ewu-55.
Nokho washiya sekukubi kwiDowns ngo-August wonyaka ophelile, wajoyina iCultural Leonesa yaseSpain.
Ngeshwa, eSpain lo mgadli wehlulekile wukuqhubeka nefomu yakhe eyamakhela ugazi nokuhlonishwa okukhulu kozakwabo ayegijima nabo kwiPremier Soccer League (PSL).