15 | Izindaba
Friday, 26 June 2026
Odabeni oluphume kwiLANGA ngomsombuluko oluthi:
Kabaziboni bejoyina elinye iqembu abaxoshwe kwiMK Party:
Eunice Mabasa:
Kwasuka ukukhuluma madoda! Kuzodela uMakhasana. Zindala zombili, mnike isongo lakhe nobhala.
Smanga Vusithemba Shabalala:
Kwakuqembu lini lona leli okuvele wonke umuntu oyilungu aziphathise oko-plastiki?
Mthetheleli Nzama:
Uma beke babuyiswa laba, bayolibulala iqembu baliqede.
Bonisile Thungo Nondumiso Osindisiwe:
Abenze noma yini kasibazi thina. Sangena eMkhontweni ngoba sazi uBaba uZuma. UDuduzani walivula elakhe iqembu, asizange sizihluphe ngokulijoyina thina.
Nkhetheni Madilonge:
Badlala umjolo laba! Mabayojola le kude neMKP.
Thembinkosi Zukulu:
Okwenza omfushane, nomude kuyomenza.
Nokuzola Sibanyoni:
Baze babahle yazi.
Lindani Gumede:
Izembe liyagawula impela kuMkhonto.
Matured democracy:
Uma nicabanga ukuvula elenu iqembu lezombusazwe, khohlwani!
Yini enihlanganisile nobabili ngaphandle kwe-one political membership?
Njabulo Mnyandu:
Besingekho isidingo sale media briefing, bekumele babhale i-statement esihlanganyele kuphela, hhayi lo mbukiso wabantu abangazi lutho ngepolitiki.
Bhekinhlanhla Mdletshe:
Mababhalele uZuma, bangadlali ngoNomvalo.
Thamsanqa Njezi KaXhoko Biyela:
Amazambane abolile.
Neli Ngcobo:
Nakhuya!