14 | Izindaba
Friday, 26 June 2026
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi:
"Nenja ibingeke ifihlwe ngendlela okungcwatshwe ngayo umfowethu". Baphawule kanje abafundi bethu kwiFacebook, ngokugqitshwa kukamengameli wamaZayoni emgodini ongashoni:
NGUMENGAMELI wamaZayoni aseNyonini Mission ongasekho, uThamsanqa Nkonyane, okutholwe isidumbu sakhe sigqitshwe emgodini ongashoni, emuva kwendlu yesonto. Kuthiwa yisancinza sakhe, uNkk Sizeni Khuzwayo-Mazibuko, owagila lo mhlola. Lapha bathathwa nendodakazi yabo elingatholakalanga igama layo.
Ndwane Nhle:
Engabe uyofike athini kuNkulunkulu?
Sigcino Mkhize:
Yoooh abamyeki ngani kodwa? Sekuphele 20 years bahlukana😪😪uzopoka umfundisi.😩
Snikelo Nikelo:
Awu! Silokhu sibabazile.
Buko Mchunu:
Ziyathandwa izidumbu kweminye imizi. Yabona ngiyilowo nkosikazi omdala, bengizothi noma esetholakele, makahlale lapho emuva kwesonto lelo.
Musawakhe Ndlovu:
Kodwa umkhulu ngathi wayethanda isancinza.
Into ebe-wrong kusona wukufihla but ngiyabona vele bebezofuna ukuyomngcwaba bona laba akade abashiya ngoba engasabafuni. Okuxakayo njengoba sebembuyi- sa esethule, useyabathanda yini?
Mzwandile Buthelezi:
Uyabona abefundisi nokuphinga, kodwa bashumayela ivangeli lensindiso!
Ngapha baphethwe wukonakala kwenkanuko.
Thokoza Ndlovu:
Ibandla liholwa kanjani ngumuntu olahle umfazi, ekubeni lazi ukuthi lo ahleli naye bakipitile?
BraJ:
NgumBhishobhi onjani oshiya umkakhe ayokipita, kodwa aqhubeke nomsebenzi wokwelusa izimvu zenkosi? Impela umhlaba usuyagoqwa.
Zipho KamaNene Nyuswa:
Indoda ifele lapho ebithanda khona. Mina angisoze ngayofuna isidumbu somyeni wami osewangilahla iminyaka ngeminyaka. Lo baba kwakumele adivose uma engasamthandi umfazi omdala.
Pinky Nkonyane Msibi:
Kodwa 20 years wonke umndeni uthulile? Usumbanga esethule? Lokho nje kubuhlungu. Bebethi ukuphi?
Mke Sam Khuzwayo:
Manje uma embiwa uzovuka namafa yini?
Khosi Ngcobo:
Hheyi oJonasi bagcwele izwe lonke, nabefundisi imbala!
Nokuthula Magwaza:
Ngeke babhemu, lo baba uzoba wufuzo olubi ezinganeni, aphinde abe yidlozi elibi. Ubaba omdala kangaka nokushiya unkosikazi undiza noNkk Khuzwayo-Mazibuko! Bona manje sekwenzakalani ngaye.
Lungile Zonke:
Engabe wayebulewe yini umfundisi? 🤔
Kodwa namakholwa ayengasado- nsi yini esimeni somoya ukuthi kukhona oku-wrong?
Ncamsile Msithi Nhlebela:
Angithi ukunyonyoba yinto abeyijwayele. Isancinza besiqhubeka lapha abagcina khona.
Lwanele P Mazibuko:
Ngiyamzwela umfazi omncane ngoba mhlambe ubefeza ayekufisa umufi. Bebethuleleni kulo 20 years? Cha kunenkinga.
Phindile Dlamini:
Ibixakwe yini inceku bakithi ize ijole? 🤔🤔
Nokwanda Nokx Zulu:
Wumlando esiyowuxoxela abazukulu.
Khanyisile Khanyo:
Bengingeke ngikhathazeke ngomuntu owangilahla.
Nana Ngcobo:
Waze wantanta bandla umengameli weZion.