12 | Izindaba

Friday, 26 June  2026

Image

UKUNGAWAXUBHI amazinyo kuthiwa kunomthelela ekopheni kwezinsini.

Ungakuzibi ukopha kwezinsini

Menzi Jele

UMA izinsini zakho zopha (bleeding gums), lokho kusuke kuyinkomba yokuthi kukhona okonakele emlonyeni. Ukopha kwizinsini kudala ukuthi ube nomoya onuka kabi.

Ngokwesikhungo iCleveland Clinic, umuntu owophayo ezinsinini, kuvamise kube yilowo okuba nesikhathi eside engawaxubhi amazinyo, kuthi lapho esexubha, izinsini zivele zophe.

Ubungozi bokopha kwezinsini, kungaphaza- misa nendlela odla ngayo, noma kwenzeke uzizwe ungakuthandi ukudla.

Kunesifo esaziwa ngokuthi yiGingivitis, esidalwa ngamagciwane abasemlonyeni, esibonakala ngokuthi izinsini ziphume igazi.

Image

KUBALULEKILE ukunakekela umlomo nokuwuhlanza noma ukuwu-flosa (floss), ukugwema amagciwane.

Kunongwengwezi lwemvelo olumboza amazinyo, olwaziwa ngokuthi yi-plague. Uma luphazamiseka, izinsini ziyopha.

Uma kukhona amazinyo aseqala ukubola, kubonakala ngokuthi amazinyo ophe. Ukushoda kuka-vitamin C emzimbeni, kungaholela ekutheni ube nezinsini ezophayo.

Ukubhema ugwayi kuyakudala ukopha kwezinsini.

Kunabantu abanenzinsini ezibuthakathaka, okufanele babe nezixubho zabo ezikhethekile, nemithi yokuxubha (toothpaste), ekhethekile.

Image

Okufanele ukwenze uma unezinsini ezophayo

- Xubha ngamanzi afudumele, okungenani kabili ngosuku.
- Xubha njalo uma uqeda ukudla, nasekuseni uma uvuka.
- Uma uxubha, sebenzisa umuthi wokuxubha (toothpaste).
- Faka i-teaspoon elilodwa, le- cocounut oil, emanzini afudumele, ozoxubha ngawo.
- Yidla izithelo ezino-vitamin C, njengamana- ntshi, nama-orintshi.

Image

- Zijwayeze ukudla uju.
- Isixubho osisebenzisayo, sishintshe ngemuva kwezinyanga eziwu-6.
- Izikhwama zetiye (tea bags), oliphuzayo azibe ne-tannic, emakhemisi bangakusiza ngokukutholela lolu hlobo lwama-tea bags.
- Phuza ubisi olufudumele, ngoba ezinye izinsini zopha ngoba kushoda i-culcium emlonyeni, ubisi lunayo.
- Gwema ukuhlikihla ngamawala uma uxubha, ngoba lokhu kungadala ukopha.
- Ubisi olufudumele luyaziqinisa izinsini, ikakhulukazi ebantwaneni abasakhula.
- Ukugwema ukopha kwezinsini, jwayela ukunika izingane ukudla okuziqinisayo izinsini njengamanto- ngomane nama-aphula.

Ulwazi yi-Cleveland Clinic noMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal. 
menzi.jele@ilanganews.co.za