11 | Ezikaqedisizungu
Friday, 26 June 2026
Ntombi kunenkulumo esalayo, wukuthi manje ngeqiwa wuvalo...
"Shoooh!" Sawubona singqazu, sengicikice amehlo ngaze ngafaka nezibuko ngoba ngisola sengathi ayangikhohlisa. Kahle, kahle bayabhimba abathi izingelosi azikho emhlabeni ngoba sengiyibonile. Umuhle sweetie awushodi ngalutho.
Namuhla sikuphathele uSimone Ware, oyi-fitness babe. Yintokazi enenkampani yayo iCURVD egxile ezintweni nasempilweni yokuzivocavoca. Yisingqazu saseVirgin Islands, ePuerto Rico.
Le ntokazi eziteketisa ngelikaCapricurves ithi ifunde lukhulu ngobumqoka bokonga imali emuva kokuchuma kwebhizinisi layo emhlabeni jikelele. Ithi yayiyichitha phansi imali ithenga izinto ezingathi shu kodwa isivukile kulobo buthongo, njengoba ikhuthaza nabanye ukuba bonge.
Ngiyayithanda leyo pose gojasi nami bengifisa ukuzozelula nje lapho eduze kwakho. Awu uma ungavuma impilo yami ingafana neholide. Ntombi ikhona nenkulumo esalayo ukuthi ngeqiwa wuvalo...🥵🥵🥵