10 | Ezikaqedisizungu
Friday, 26 June 2026
NIYABONA kodwa le ndaba yabaculi abasebenzisa i-AI ukuthi izosihlukumeza ngempela?
Hhayi bo! Into engiyizwe iculwa ngumculi uCredo V Daniels, ingishiye ngibambe ongezansi. Maye lameqa inothi kwangathi bekucula uMzala!
Le nsizwa beyethula i-album yayo ethi, "Still Where We Were", kodwa indlela ebicula ngayo, yenze abaningi bakhala ngokuthi isebenzisa i-AI kakhulu.
Nabenkampani yayo bazwile ukuthi ibhimbe kwaze kweqa, bagcina sebekhipha isitatimende sokuthi inkinga kube wubuhixihixi.
Yeyi yeka indlela ebengimethemba ngayo uCredo V uma ngilalele izingoma zakhe ezipholile. Kodwa manje hhayi angisakuthembi ngempela.
UHULUMENI uyadlala ngemali, tshelani uMzala ukuthi lo R600 mitha ozokhishelwa umhla ka 30 Juni, bewungeke yini wenze ezinye izinto ezibalulekile.
Sekungaze kukhishwe imali engaka ukutshala amaphoyisa namasosha?
Kanti yiluphi lolu dlame olulindelwe kangaka. UMzala uyasola ukuthi le mali izokhishwa ngendlela engafanele, phela akusensuku zatshwala kufike isikhathi sokuvota.
Osopolitiki bakhipha imali yokukhankasa ngazo zonke izindlela. UMzala usefisa nokwazi ukuthi yiziphi izinkampani ezizothola lamathenda okuqapha.
UMnu Firoz Cachalia usevele wenza ngaphelelwa wukwethemba ubuholi bakhe. Akwenziwa kanje ndoda, uyithatha! Phela yimali yabakhokhi bentela lena.
KODWA-KE abanye abantu banesibindi, kuthi kushaywa izandla wena ubematasa nokugxeka. UBongi Mlotshwa uqoke ukuthi agxeke ama-weave ne-make up ebiyenziwe abalingisi bomdlalo osematheni kuNetflix, iThe Polygamist esikhundleni sokuncoma umdlalo.
Kahle-hle ubukela phansi ozakwabo asemkhakheni akuwona naye. Le ntokazi inomlando omuhle kulo mkhakha njengoba ike yaba yinhloko ye-hair and make up kwi-Generations: The Legacy, Uzalo, The River neMuvhango. Nakuba kunjalo, kayinalo ilungelo lokuthi ingagxibha ozakwabo kulo mkhakha.
UBongi uthe i-make-up yabalingisi ibi-grey, wathi ama-weave abenganamathelisekile kahle, futhi bebebukeka sengathi bakuma movie amaKorean eminyaka yama-70s.
Akwenziwa njalo mama. Umuntu osezingeni lakho silindele ukuthi aziphathe ngendlela ethile, hhayi ahudule phansi umsebenzi wabanye abantu. Nawe-ke Enhle Mbali kawusamkhuzi ngani umawakho?