06 | Izindaba
Friday, 26 June 2026
Ngobengumbhishobhi uThamsanqa Nkonyane (75), obengumengameli webandla iNyonini Mission, nesinqamathe sakhe uNkk Sizeni Khuzwayo-Mazibuko.
Mthobisi Sithole
UMUNWE ukhomba isancinza sobengumbhishobhi uThamsanqa Nkonyane (75), obengumengameli webandla iNyonini Mission ngokubhidlika kwebandla nokuhlazeka kukaNkonyane ngezinsuku zokugcina, njengoba engcwatshwe isinyenyela, ngenxa yokubangwa kwesidumbu sakhe.
AbakwaNkonyane, oSizweni, eNewcastle, bathi abazalwane bebemthanda kakhulu umengameli webandla, kodwa izinkinga ziqale ngemuva kokufika kwesancinza sakhe uNkk Sizeni Khuzwayo-Mazibuko, empilweni yakhe (uNkonyane).
Kuthiwa ukufika kwesancinza kwaholela ekutheni uNkonyane ashiye inkosikazi yakhe uNkk Dolly Nkonyane, uMaNgcobo. Kuvela ukuthi ingxenye eningi yabazalwane ibingasakhonzi nomengameli, ikhala ngokuthi ulawulwa yisancinza, sekuyisona esishaya umthetho phezu kwabafundisi bebandla.
Ngobengumbhishobhi uThamsanqa Nkonyane (75), obengumengameli webandla iNyonini Mission nesinqamathe sakhe uNkk Sizeni Khuzwayo-Mazibuko. Banendodakazi yabo elingatholakalanga igama layo.
Kuvela ukuthi nangezinkonzo ezinkulu zePhasika, bese kubangwa indlu yebandla enkulu eMission, oSizweni, kukhishelwana izibhamu. Kuthiwa abanye bebegxumeka itende eceleni kwendlu yesonto bakhonze, abanye baqembukelane phakathi endlini yesonto, elinye iqoqo likhonze ekhoneni.
Ngokwemithombo yeLANGA Lempelasonto, kuthiwa abazalwane bebenganelisekile nangemali yebandla okuthiwa bekungachazwa lutho ngayo. Kuthiwa uma kukhona abafuna ukwazi ngokusebenza kwayo, bebexoshwa ebandleni.
"Sizame kaningi ukubizela umbhishobhi emhlanganweni webandla ukuze sikhulume naye, kungenzeki kubonakala ukuthi uyavinjwa. Uma kuyizinkonzo ezinkulu, imali yebandla ibiqoqwa inikezwa isancinza, singatshelwa nokuthi imalini kodwa ibifinyelela ngaphezulu kuka-R600 000, ngoba likhulu ibandla.
UNkz Sibongile Nkonyane, olamana nomufi obengumholi uNkonyane, uveze ukuthi leli bandla lisungulwe ngo-1906, ngukhokho wakhe. Uthi ukufa kwalo kungenxa yokuthi umfowabo (umufi) ubengenalo izwi ebandleni.
"Lifile ibandla likakhokho libulawa uMaKhuzwayo, walihlakaza waliqeda. Amabandla amaningi aqembuke ebandleni iNyonini ngenxa yakhe. Umfowethu ubemsaba uMaKhuzwayo, ngisho engekho eduze kwakhe.
"Uma sekukhulume uMaKhuzwayo, akekho obengaphezu kwezwi lakhe. Ubesukuma akhulume emakhanda amadoda ebandleni, enolimi olubi olubhidliza ibandla. Leli bandla alisoze laphathwa yingane yakhe yentombazane, njengoba ayebhale incwadi yefa eyafundwa enkonzweni yomngcwabo ethi yabhalwa umfowethu, iveza ukuthi liyosala liholwe yindodakazi yakhe.
"Leli bandla ngelokhokho, lizoholwa yizingane zikamfowethu. Ubenezingane eziningi kabi nezabafana ezikholwayo, kodwa encwadini yefa eyayifundwa, yayithi umfowethu akanamndeni. Wayethe akafuni muntu wakwaNkonyane, owakhe umndeni uMaKhuzwayo nendodakazi yakhe," esho.
Uthi njengoba sebenqobe le mpi ngenkantolo, lizophembeka kabusha ibandla, babuye abazalwane," echaza.
Unobhala webandla ohlangothini ebelweseka uMaKhuzwayo, uMnu Thokozani Zulu, uthe okwamanje ibandla noMaKhuzwayo kabekho esimweni sokukhuluma, liyeza ithuba.
mthobisis@ilanganews.co.za