Izindaba | 15

Friday, 25 July  2025

Imibono

Odabeni oluphume kwiLANGA ngoMsombuluko oluthi: Isithiyo ngokusebenza kweVAR kweyePSL

Baphawule kanje abafundi kwiFacebook:

Image

NGUMNU Gayton McKenzie onguNgqongqoshe wezemiDlalo eNingizimu Afrika.

01


Khetho Ntanzi Fakazi Oyaya:

ESANI manje isithiyo?

02


Spha Mafuleka:

SEKUKHONA i-team yomfana wakhe, sekunesithiyo manje?

03


Bheki Mqondisi Gwala:

LO mbhemu uyathanda ukukhuluma kakhulu. Wayethe ngoJune iVAR iyobe isiphothuliwe, isilungele ukusetshenziswa, waze wathi uzoyifaka noma kanjani... manje useshintsha inkulumo, umthwalo weVAR usewuthwesa abanye.

04


Chris Ntuli:

USAWENZA nje umsebenzi wakhe noma sekuyiVAR eduma ekhanda lakhe?

05


TK Mashimane:

LO mjida ukhuthele kumaSport, uzokwenza ushintsho olukhulu.

06


Sbudah Sbudah Dlamini:

SIKHATHELE amanga alobaba manje, ufuna udumo nje. Kunini ekhuluma into eyodwa futhi uyahluleka ukuyifeza?

07


Thabani Halala Zikhali:

AKAPHENYWE, ngeke ingatholakali inkohlakalo.

08


Rsd Rosuade:

I-PSL ayiyifuni iVAR 💔🚮🚮

09


Thulasizwe Eric:

IZOYITHATHAPHI imali iSAFA kusaphethe uDanny Jordan esaphaza imali kangaka, futhi engakwazi nokuphendula imibuzo ngayo. Bahluleke wukunika amaJimbos imali yebhonasi bewine e-Africa, uCoach bamholela imali engaphansi uka-R50 000. 

10


Mthunzi Mzilos:

AYIKHO into yalo muntu, kunini ekhuluma into eyodwa?