06 | Izindaba

Friday, 25 July 2025

Usephumele obala ungqongqoshe osolwa enkohlakalweni  yethenda yokudla

Image

NguNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Sipho Hlomuka.

Mthobisi Sithole 

UPHUMELE obala ngezinsolo zenkohlakalo eziyamaniswa naye uNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Sipho Hlomuka ngokuhlomula kwenkampani eyanyaniswa naye, ethendeni yokudla ezikoleni, esifundazweni.

UHlomuka usevumile ukuthi uyayazi inkampani ehlotshaniswa naye, evezwe ohlwini lwezinkampani ezisematheni, eziphakela ukudla ezikoleni.

Uphawule ngalokhu esiteshini sikamabonakude iNewsroom Afrika. Uthe kuyiqiniso ukuthi ubeyilungu lale nkampani, wabe esesula kuyona ngokuhamba kwesikhathi.

Uveze ukuthi le nkampani uyibhalise ngo-2015, engakabi yingxenye yezisebenzi zikahulumeni. Uthi emuva kwalokho wabe esesula kule nkampani.

"Le nkampani ibisebenzisana nohulumeni, ithola imisebenzi nasezinhlakeni ezizimele. Okwenzeka kuyona njengamanje angikwazi ngoba ngasula kuyona ngo-2017..." kusho uHlomuka.

Image

Uthi akulindwe uphenyo oluzocacisa kabanzi ngalolu daba. Uthe ukuhlomula kwale nkampani ubengazi lutho ngakho, ngoba akusekho okumhlobanisa nayo nemisebenzi eyenzayo.

Ngakolunye uhlangothi uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, usecele umbiko ophelele wohlangothi lukangqongqoshe ukuba abhalele ihhovisi lakhe (undunankulu), achaze kabanzi.

Ithenda yokudla isuse omkhulu umsindo njengoba kunezinsolo zokuthi kuhlomule kuyona abantu beqembu elithile lezepolitiki.

Ngokwemithombo yeLANGA Lempelasonto, kuthiwa abanye onobhala beziyingi beqembu elithile lezombusazwe, bebeqoqa uhlu lwezinkampani ezigaqele le thenda. Kuvela ukuthi lezi zinkampani zinikezwe izisebenzi ezibhekelele lolu hlelo ukuze zinikezwe lo msebenzi.

Inhlangano yabaphakela izikole iNational School Nutrition Programme Service Providers Association, ithi lolu hlelo lwethenda yokudla ifuna luqalwe phansi.

Ngokwesitatimende esikhishwe ngokhulumela le nhlangano uMnu Thabang Mncwabe, sithe bazolwa ngokusebenzisa izinyathelo zemthetho. Sithi kuningi ukugxambukela kosopolitiki okwenzekile, akulandelwanga imigudu efanele.

"Izinkampani eziqokiwe ngezabantu bakaKhongolose, iningi lazo azinazo izimfanelo ebezifuneka kodwa ziwutholile umsebenzi. Kuningi okwenzeke ngendlela engafanele. Sithi kumele kuqalwe phansi kukhangiswe kabusha le thenda," kusho isitatimende.
mthobisis@ilanganews.co.za