02 | Izindaba
Friday, 25 July 2025
UMPHAKATHI waseNdwedwe, enyakatho yeTheku, ubusho ukumbamba ngezandla umshayeli wemoto ethwala izingane zesikole, ephoseke eweni.
Kushone umfundi oyedwa kule ngozi, abane baselashwa esibhedlela, kanti abawu-6, balashwe badedelwa.
Amalungu omphakathi, atshele uNgqongqoshe wezokuThutha, KwaZulu-Natal, uMnu Siboniso Duma, ukuthi umshayeli wemoto, ubephuzile ngesikhathi kwenzeka le ngozi.
Bamthumelele ivideo, lapho bemthwebule khona lo mshayeli ezama ukubaleka, imoto isikhalakathele eweni. UDuma, uthumele izisebenzi zomnyango wakhe, ukuyophenya, endaweni yesigameko, wathi azikhulume nabazali bezingane ezithintekile.
Uthe uma esethole umbiko, umshayeli wemoto, nomnikazi wayo bangathathelwa izinyathelo.
IKOMIDI leziNdaba zaNgaphandle, eMelika, seliwuphasisile uMthethosivivinywa, othi osopolitiki be-African National Congress (ANC), kumele bajeziswe.
Iqembu lamaRebuplicans, eMelika, yilona ebelishabasheka, lithi mawuphasiwe lo mthethosivivinywa, ngoba kaleneme ngezenzo
ze-ANC, ngodaba lwakwa-Israeli, njengoba uhulumeni wale nhlangano phambilini wayisa leliya lizwe enkantolo yamazwe omhlaba.
AmaRebuplicans athi ukusondelana kweNingizimu Afrika, iRussia, neCommunist Party yaseChina, yikhona okudunga ubudlelwano.
UNkk. Mahlengi Bhengu-Motsiri, okhulumela i-ANC kuZwelonke, uthi isigungu esiphezulu senhlangano, sizohlangana ngesonto elizayo, sidingide lesi sinqumo.
Uthe abaseMelika, abakhumbule ukuthi iNingizimu Afrka, iyizwe elizimele, ngeke itshelwe yibo ukuthi yenzeni.
INgonyama Trust Board (NTB), izobuyisela abantu abawu 1,620 imali yabo.
Laba bantu bebekhokhele iNTB) imali yerenti, ekubeni bakhe endaweni okungafanele kukhokhwe irenti kuyo, ngoba yindawo esezabelweni.
Isikhulu esiphezulu seNTB uMnu Siyamdumisa Vilakazi, sithi bayasemukela isinqumo senkantolo, sathi lokhu kwaqala ukwenzeka ngo-2021, kusekhona ibhodi elidala.
Sithi sebebatholile abantu abawu-208, abazokhokhelwa imali yabo, kodwa bazinike izinyanga eziwu-18 ukuthola abanye, okufanele babuyiselwe imali yabo.
Inkantolo ithe kwakuphambene nomthetho, ukukhokhisa laba bantu irenti.
UMasipala waKwaDukuza, uthi masithathelwe izinyathelo isikhulu sawo esishaye inkosikazi yaso, ngaphandle kwamagceke asemsebenzini.
Le nkosikazi yalesi sikhulu, nayo isebenza kuwona lo masipala, kodwa yashaywa bengekho emsebenzini.
Kuthiwa isisulu sisemeni esibucayi esibhedlela, yikho singakakwazi ukuvula icala, nokwenza izitatimende.
Okhulumela uMasipala waKwaDukuza, uMnu Sifiso Zulu, uthi balinde uphenyo lwamaphoyisa uma icala selivuliwe, bese bethathela lesi sikhulu, izinyathelo zokusiqondisa ubugwegwe.