Izindaba| 04

Friday, 25 April 2025

Image

NGUBHEKI "Hhhashi Elimhlophe" Ngcobo nomndeni wakhe, nawo osemculweni, okungumkakhe u-Ebony, nezingane zabo ezaziwa ngaMaponi.


Ingqwele kamaskandi nomgubho wamagalelo


Mthobisi Sithole

UZOYIGUBHA namaciko akhe, iminyaka ewu-46 eyibambile emculweni kamaskandi, uBheki "Hhhashi Elimhlophe" Ngcobo.

Uthi le minyaka uzoyigubha namaciko awahlonze ngaphansi komkhankaso wakhe obizwa ngeHhashi Movement, lapho khona ebethungatha ikhono kubaculi abangakaze baqophe. Lokhu kuzokwe-nzeka eMfolozi Casino, eMpangeni mhla ka-3 kuNhlaba (May).

Utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi ekusunguleni kwakhe lo mkhankaso, ubehlose ukufukula amaciko adonsa kanzima ukuze nawo asize amanye ayolandela emuva kwawo. Lo mkhankaso wakhe uthi uthele izithelo ezinhle.

"Kubalulekile ukugubha le minyaka ngoba sengiyibambe isikhathi eside kangaka, kungenxa yoMdali. Yingakho ngalo mgubho ngizobe ngiyibambe namaciko engiziqeqeshele wona, ngawavundulula," kusho iHhashi Elimhlophe.

Image

Phakathi kwamanye amaciko azobe enandisa, kubalwa Amaponi neBoomshaka. Uthi amanye ayimfihlo azobonakala ngosuku lomcimbi. Uthi okuningi uzokugodla ukuze kubonakale ngosuku lomcimbi.

"Lo mgubho umayelana nami, imisebenzi yami engiyenzile endimeni kamaskandi, ukubonakalisa imikhiqizo yami namaciko aphume ngaphansi kwegama lami, nokubuka izithelo zawo endimeni," esho.
Amathikithi alo mcimbi atholakala ngo-R200 ePick 'n Pay, eWebtickets naseBoxer.

Uthi eGoli usebenze namaqembu amaningi okubalwa kuwona Izinkunzi, iThe Special Five, iSoul Brothers noSteve Kekana. Wayecula phambili eqenjini Imitshotshovu, okungelinye ebelingaphansi kweSoul Brothers.

"Umculo siwuhluphekele kakhulu, kodwa manje konke lokhu sekudlulile. Yingakho nami ngiqale umkhankaso obizwa ngeHhashi Movement Masikandi Talent Search, ngenhloso yokuthi ngihambele izindawo zasemakhaya ukuze ngivundulule amakhono, ngisize abanesifiso sokucula," esho.
mthobisis@ilanganews.co.za