16 I Izindaba 

Friday, 24 October  2025

Imibono

Odabeni oluphume kwiLANGA online oluthi:

Balahlwe elakubo beqothwa ngumuntu abebeyomduna imoto:

Image

01


Mthobisi Mntungwa:

Ngoba umthetho waseSouth Africa uvuna izigebengu, ngeke ngithuke uma kungathiwa uboshiwe umuntu wenkosi.

02


Phumelele Ndlovu Zungu:

Ngabe si-right yini nkosi yami isisulu? Sinawo uKhephithekhi?

03


Cosmas Ndlovu:

Umdlalo omuhle mawuqhubeke, ziseku-half time, wu-1-0 i-score.

04


IDubai Elisha:

Balayekile olwabishi

05


Vusi Mbatha:

Ey ubashiphise insangu, wabathuma uphuthu.

06


Real Njingazonkezikhothamakuye:

Awsuuuuuuuuuka, wenze into enhleeee noma ngabe unelahleeeeee ubafuqe ngaloooo.

07


SKhanyi Msani:

Kuvele kufanele bazilwele, uma kungenjalo kufa bona abafunwayo. Angithi uLucky Dube wafa kanjalo, siyayincoma le ndoda ngokunciphisa le migulukudu.

08


Nkosinathi Thango:

Le nsizwa bekufanele yethweswe isicoco, isebenzile. Kudala uhleli lubhojozi umphakathi kuleya ndawo.

09


Senkosi Ephraime:

Bekufanele afake no-petrol ngaphezulu.

10


Mkhawuleni Nkosi:

Bathole lokhu akade bekufuna.

11


Thinnielorraine Mntambo:

Awu, wesisulu, waze wamuhle umsebenzi owenzile, ngathi ungaqhubeka, nathi sizolokhu sincomile. Into enhle iyanconywa.

12


Themba Dlamini:

Sisebenzile leso sisulu, namaphoyisa bekumele asiyeke.