15 | Izindaba
Friday, 24 October 2025
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoMsombuluko oluthi:
Usomabhizinisi ufuna u-R10 million kuJenene Mkhwanazi niphawule kanje bafundi:
NguJenene Nhlanhla Mkhwanazi ophethe amaphoyisa KwaZulu-Natal.
Jabulani Mngadi:
Leyo mali uyoyithola ebhoshi..... akasho uma ethunywe yiqembu lezigebengu zosopolitiki.
Simthe Madlala:
Sicela azoyilanda la eKheyzetheni, futhi afike ehamba yedwa.
Spencer Cain:
Akasho usuku ayifuna ngalo sizomlethela siyi-country.
Nkule Shandu:
Wenza liphi ibhizinisi ukuze sixoxe naye?
Thinnielorraine Mntambo:
Usedlala ngegeja kuziliwe-ke lowo somabhizinisi. Abamaziyo mabamkhuze. Ndonga is us, so it means we owe him lo 10 nton nton. Uma kune-medication ayithathayo, makayidle kahle ngoba kuyacaca ukuthi akasayidli ngendlela. Phuma kithi, uShamase is ours.
Ntombifuthi Mafuthi:
Wathint' uZulu, udakwe yini?
Nmbuso Godongwana Dingiswayo:
Makalinde uphenyo kuqala.
Princess Siphiwokuhle:
Uyowuthola eZoo, phansi konyawo lwendlovu.
Nobuhle Mbuyazi Ka Mabhodla:
Uzowulethelwa yiNIU, kuzoshesha.
Lucas Ntuli:
Lo Paul O' Sullivan uphuma kuliphi izwe? Yini asatshwe kangaka, uyini la kuSAPS? Abantu bokufika bayazenzela nje la eMzansi, nathi sihuqa ubuthongo.
Sya Sihle Mbanjwa:
ESouth Africa zonke izigebengu ezizibiza nge-ANC zizibiza ngosomabhizinisi. Lo Paul ndini usezibona ewunkulunkulu wasemhlabeni ngoba wakwazi uku-controla i-ANC, kasiyona-ke thina. Makazoyilanda eKZN leyo mali, sizomnika yona iwu-cash.
Mesuli KaMthembeni Mthembu Mayor:
Udle obamaganu lowo somabhizinisi.