08  | Izindaba

Friday, 24 October  2025

 'Uphakanyiswa' wukuqhamuka nokwehlukile kumaskandi

 UNkeshemba uthi uyobakhohlwa efile abantu basezinkundleni zokuxhumana 'ngokumupha isinkwa'

Uthi kuningi okusemgodleni wakhe futhi abantu bazobhema bakholwe

Image

 NguWandile Mkhize, odume ngelikaNkeshemba emculweni

 Mthokozisi Dlomo

UTHI ukuqhamuka nento ehlukile yikhona okumenze washeshe wagqama emculweni kamaskandi umculi osemncane waseNgoqokazi, eNanda, eThekwini, uWandile Mkhize, odume ngilikaNkeshemba emculweni.

Uthi ukubona kuwubizo kuyena ukungena emculweni njengoba ethe eqeda ukukhipha ingoma yakhe yokuqala ngqa, esihloko sithi, "Ngixolele Mntanami", yavele yangena ebantwini njengoba ibalwa nezishisa izikhotha kulezi zinsuku.

"Ngibonga kubantu bonke abathintwe yiphimbo likaNkeshemba, nendlela abangemukele futhi bangeseka ngayo. Nginethemba lokuthi le ndlela engiyiqalayo engiyibekelwe nguMdali, ngizoyihamba nabo," esho.

Image

Emasontweni edlule kusabalale kwiTikTok abantu abaziwayo kule nkundla, benxusa abantu ukuba bamnike ithuba uNkeshemba ngoba uza nokwehlukile.

Lo mculi uthi ukuthandwa kwengoma yakhe ethi "Ngixolele Mntanami", ephume ngenyanga edlule, kumphoqe ukuqopha ezinye ezimbili, ethi, "iSibaya Sikababa", nethi "Ushaka".

Uthi uyobakhohlwa efile abantu basezinkundleni zokuxhumana ngokumeseka, okumvulele iminyango eminingi njengoba eseqalile ukubizwa nasemicimbini emikhulu.

"Uma ngingase ngithi bengibazi ngabe ngisenga ezimithiyo. Ubudlelwano nokwazana sikuqale khona lapha ezinkundleni zokuxhumana. Ngingeke ngibale uMhlaka 01 (omunye wabalandeli bakhe) kuphela kubantu abanxusile ukulalela umculo wami. Baningi ababe nesandla, ngithanda ukubabonga bonke ngoba bonke balenzile iqiniso kimi. ISouth Afrika yonke, ngiyabonga kakhulu."

Uthi okwamanje kayikho inkampani angaphansi kwayo.

"Kayikho inkampani engingathi ngibambisene nayo okwamanje, kuphela kukhona iStudio iGMD, esiseThekwini, engiqopha kusona. Nakhona kakunasivumelwano esikhona, wukufika nje umuntu akhokhe, enze umsebenzi wakhe, bese eyaphuma eyoziphushela wona. Umuntu nje engingathi ngibambisene naye nguSanele Nzama," esho.

Utshele leli phephandaba ukuthi okumenza athandwe wukuthi: "Angibhali nje ngoba ngithi ngibhalela ukukhipha ingoma, kodwa ngenza isiqiniseko sokuthi ngibhala into ezothinta abantu.

"Ngibhala ingoma ezothi uma ifika emuntwini, imenze aphile uma egula, kuthi uma ebhekene nesimo esinzima, abone ukuthi akuyena yedwa obhekene nobunzima."

Uthi kuningi okusemgodleni wakhe futhi abantu bazobhema bakholwe emicimbini azoyihambela, aqashwe kuyona.

Uveze nokuthi akakholelwa entweni yokushinga ngomculo, nokuchomela abantu ezingomeni, kodwa inhloso yakhe wukuthi umculo wakhe ulalelwe yiwona wonke umuntu, ngisho abangawuthandi umaskandi.

"UNkulunkulu indlela angibusise ngayo ngalesi siphiwo, uthe 'mfana wami uzoculela abantu', akashongo ukuthi abantu abathile. Khona ngiyinsizwa impela, kodwa kulezi zomtalabho nokuchema, angitholakalanga."