03 I Izindaba Friday 24 October 2025
Iyaqhubeka imizamo yeMKP 'yokubusa' iKwaZulu-Natal
Yethule uTony Yengeni njengesekela lesibili likamengameli, ukwehlisa umthwalo
Thandoluhle Ngubo
UZOGXILA emsebenzini weqembu wangaphaka-thi uMnu Tony Yengeni (71), (osesithombeni esingenhla), oqokwe njengeSekela likaMengameli lesibili, weqembu uMkhonto Wesizwe Party (MKP), eliholwa ngowayengumengameli wezwe uMnu Jacob Zuma.
UYengeni umenyezelwe njengozobamba lesi sikhundla nguZuma ngoLwesine emahhovisi aleli qembu aseThekwini.
Echaza ngalesi sinqumo uZuma, uthi umthamo obhekene neSekela likaMengameli lokuqala leqembu, uDkt John Hlophe, sewumkhulu kakhulu, kungcono uma ezobambisana nomunye.
"Isekela likamengameli lenza umsebenzi omkhulu kakhulu. Libhekelele iqembu ePhalamende, liphinde lehle lenyuka nomsebenzi weqembu emazweni angaphandle. Sikhuluma nje, libuye namhlanje (ngoLwesine), beliye phesheya, futhi ezinsukwini ezimbili lizophinda lihambe.
"Ukwenza kwakhe lo msebenzi wamazwe kakuchazi ukuthi kumele umsebenzi weqembu wangaphakathi ume.
"Le nsizwa engiyethula lapha kayiyena umafikizolo kwezepolitiki, sisuka kude nayo le koLesotho kuleya minyaka edlule," kusho uZuma.
UYengeni ubonge ithuba, wazwakalisa ukuzimisela kwakhe ekwenzeni umsebenzi weqembu. Ubuyekeze ubudlelwano bakhe noMsholozi kule minyaka edlule.
Ngesikhathi isigungu esiqondisa ubugwegwe
se-ANC sifuna ukushushisa uZuma ngokusungula iMKP, ekubeni eseyilungu le-ANC, uMsholozi wacela uYengeni ukuba ayomumela kulesi sigungu.
I-MKP iphinde yasika elijikayo odabeni olusematheni kulezi zinsuku, oluthinta izingxoxo phakathi kwalo ne-ANC, ekuphatheni iKwaZulu-Natal. UNobhala-jikelele weqembu uDkt Bongani Mncwango, ukuchithile lokho.
NGUMNU Jacob Zuma onguMengameli weMKP.
"Impela sikuyo imizamo yokubuyisa iKwaZulu-Natal. Yikho sifake isiphakamiso esiShayamthetho sokungabethembi ubuholi bakhona, ikakhulukazi undunankulu.
"Ngingakuqinisekisa ukuthi okwamanje kazikho izingxoxo esinazo nanoma yinaliphi iqembu," esho.
UZuma uphinde waphawula ngodaba lwesinqumo senkantolo sokuba akhokhe u-R28,9 million ngokusebenzisa imali yombuso emacaleni enkohlakalo abhekene nawo.
Uthi udaba uludlulisele kubameli bakhe, ngakho ngeke angene, agxile kulona.