16 | Ezemidlalo

Friday, 24 July 2026

U-Ouaddou ukhala ngamabhawodi asaxega kwiPirates


Ufuna ezakhe ziqale isizini ngegiya eliphezulu 

Image

Senzo Sokhela

UKHALA ngamabhawodi asadinga ukuqiniswa kwi-Orlando Pirates u-Abdeslam Ouaddou ongumqeqeshi wale kilabhu ewabambele eSpain amalungiselelo esizini ezayo ka-2026/27.

IBucs iguqise ngo-1-0 iLas Palmas kowesihle ngoLwesithathu ebusuku eSpain. U-Ouaddou uthi kunezingxenye angakagculiseki ngazo njengoba lekilabhu izimisele ukuhamba ibanga elide kwiCaf Champions League ephethwe yiMamelodi Sundowns.

IBucs izolwela nokuvikela izindebe ezintathu ezinqobe ngesizini edlule okuyiMTN8 esiyiphathe amasizini amane elandelana, iCarling Knockout neBetway Premiership eyihlwithe kwiDowns ebisiyigcine ekhabetheni layo amasizini awu-8 elandelana.

Image

"Engikuqaphelile wukuthi kuyona yonke le midlalo yethu esisayidlalile (eSpain), siqala ngegiya eliphansi. Sidlala kahle impela kodwa yigiya esiqala ngalo elingakangigculisi. Kodwa-ke okunye okusangikhalisa yindlela esidlala ngayo emuva, siyavuza njengoba singenelwa ngamagoli alula.

"Kuzofanele ukuba sizame ukuyilungisa le nto ngoba iyangikhathaza emoyeni. Ngiyavuma ukuthi kukhona okuhle okwenzekayo, ngiyabona ukuthi abadlali sebeqala ukuba qatha ngokwanele, kancane kancane kuzohlangana. Okungijabulise ngalo mdlalo wukuthi kasingenelwanga yigoli," kusho u-Ouaddou.