19 | Ezemidlalo

Friday, 24 July 2026

Image

NGUKAPUTENI we-Orlando Pirates uThapelo Xoki.

Ezimnandi kwelulama ukaputeni wePirates

Uhlale isizini yonke engabonakali ngemuva kokulimala engozini yemoto

Senzo Sokhela

KUVELA izindaba ezimnandi ekhempini ye-Orlando Pirates zokubuya kukaThapelo Xoki (31) obesehlale ngaphandle isizini yonke edlule ngenxa yokulimala.
Kuzokhumbuleka ukuthi uXoki waba sengozini yemoto nethimba lePirates, kuhlanganisa nomqeqeshi u-Abdeslam Ouaddou ngonyaka odlule. Uhlale isizini yonke edlule engadlali.

Nokho lo mdlali usebuye ngokuphelele kwiBucs. Ungene ngesiwombe sesibili iBucs ihlula ngo-1-0 iLas Palmas kowesihle ngoLwesithathu ebusuku eSpain. U-Ouaddou uthi kuyizindaba ezimnandi ukubuya kukaXoki.

Image

UMQEQESHI we-Orlando Pirates uncoma amagalelo kaThapelo Xoki (osesithombeni) ngaphakathi nangaphandle kwenkundla.

"UXoki ungomunye wabaholi ekilabhini, ngisho engekho ensimini wenza omkhulu umsebenzi. Ukubuya kwakhe kusho lukhulu kithina njengekilabhu," kusho u-Ouaddou.

Uthi kumjabulisile ukubona abadlali abasebancane beBucs besiphakamisa isandla kulo mdlalo.

"Kangiyena umqeqeshi othanda ukubala abadlali ngabodwana kodwa ngikholwa wukuthi kubadlali esibanike ithuba kulo mdlalo weLas Palmas, basiphakamisile isandla. Benze ngabona ukuthi le kilabhu ineso lokubheka abadlali abanekhono, ikusasa layo liqhakazile," kusho u-Ouaddou.