15 | Imibono
Friday, 24 July 2026
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi:
Isexwayiso esishubile kwabashutha iSilo ngasese:
YIZITHOMBE ezithwetshulwe kwi-video esabalele ezinkundleni zokuxhumana, okuthiwa yathatha nguNdlunkulu weSilo uMdolomba.
SizwesamaHlubi Makhulukhulu Sothondose Hadebe:
NGIYATHEMBA ukuthi uMdolomba uwuzwile umyalezo.
Mthoko Bhebhe:
KUNGCONO ngoba mina nguMhlongo ozimele, angiyena uZulu.
Alex Van Der Walt:
AKUVE kanti sishuthwa ngabasondelene naso?
Mtolo Mamtolo:
UNGATHI wachathwa ngesichitho 🤣🤣🤣🤣
Dumsani Zungu:
WEEEEE babazani bo! Sizophucwa amafoni okulandelayo.
Jabu Zethu:
SIYAXOLELWA wuNyazi, kodwa sona ngapha siyabopha.
Fano Shange:
BASABISA amakhosikazi engabe basiza lo oxakwe wuphuzo? Alikho iqiniso KwaZulu.
Sthembiso Mhlongo:
USHUTHWA ngabakubo, thina sibona nje ngamahlazo emafonini ethu.
Ntsikeh Sonkophe Jiba:
KUZOBOSHWA laba basedladleni lakhe-ke, kucacile.
Nokwanda Nokx Zulu:
HHAWU, yehheeeeni! Ngezwi likaShenge.
Ausy Au:
ISILO sisho kulabo abasishuthayo bayazazi bona. Ungakhathazeki ma ungasishuthi. Impilo yeSilo yangasese kufanele ihlonishwe, inganekelwa izwe.
Jabulani Mjay Vukaphi:
YEYI ongafuni ukushuthwa akahlale endlini yakhe, angaphumi.
Mareyza Sobahle:
Hhayi ikeya-trenda-ke iNdlulamithi, nokwenza iphethe ubhiya.
Manana Cele:
Welele inganekwane 🤣🤣🤣
Makhekhe BabakaGcokama Hlongwane:
VELE ayilungile leyonto