14 | Imibono
Friday, 24 July 2026
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi:
Kubatshazwa isikwibhisi esisayiniswe yiChiefs:
NGUMDLALI omusha weKaizer Chiefs, u-Adolf Mtasingwa.
Senzo M Nsele Senzo:
Zaqala izinkinga 😆 🤣 😂
Siya Zulu:
Lethani isicoco sethu kusemanje ✌️✌️😂😂😂
Sthembiso Scelo Gasolo:
Bonke bafika bebatshazwa kodwa ekugcineni yizinkukhu zomshini.
Mzi Vic:
Kazi bashonaphi oBhimenyimana, oKatsaviro nabanye🤣😂🤣😂
Meelay Mimi:
Kahleni bo! Nisho ukuthi sizoba nenkinga singomakhelwane🤣🤣🤣
Selby Lembe:
Akubhediwa manje. Laba abangafuni nabadlali babo, gede indaba yabo.
Bheki Sompisi:
Ayiqale i-league, kukhona engifuna ukukubona.
Katlego Khombi Zungu:
Sake sathuswa ngoGilberto.
Phelelani Mlungu Gwala:
Yini le oyakhayo Chiefs? Thatha lezi zitini zakho, ubuyele eMachobeni.
Simphiwe Ndukenhle Buthelezi:
Uma ngikhumbula kahle, noDa Silva kwakuthiwa akalibheki ipali.
Boet Sakhile Nomafu:
U-Adolf Mtasingwa umdlali wangempela ⚽️ Umjita uyalazi kakhulu. Uzobe eyigxoba noLebohang Maboe esiswini.
Malusi Mngadi:
Ngikhumbula kuthiwa uThabo Cele uzohlalisa uTeboho Mokoena ngaphandle kwiBafana Bafana 🤣🤣🤣
Mthokozisi Mngadi:
Uzothola ukuthi isikwibhisi leso besiyi-free agent.
Justice Geza EJozini Nsibande:
Inkunzi leyana 🔥🤭🤭
Ndumiso Ndu Msomi:
Sosibabaza uma sesibone umsebenzi waso.