12 | Izindaba

Friday, 24 July 2026

Kulobe: uMenzi Jele

Ezempilo

Busukumele ubuhlungu obusezinyaweni

Bonana nodokotela, unganciki ekuqaguleni kwabantu ekutheni uphethwe yini...

KUNEZIFO ezahlukene eziba sezinyaweni, ezenza abantu beqhuge uma behamba. Izifo eziba sezinyaweni, ziyelapheka ngaphandle uma walimala kanzima.

Isifo esijwayele ukuba sezinyaweni, yibibane (fungal infection). Ibibane, kusuke kuwukuqhekeka okubakhona phakathi kwezinzwane.

Libuhlungu, futhi liyamenza umuntu aqhuge uma ehamba. Liyelapheka ngemithi oyinikwa emtholampilo noma ezibhedlela. Ungajova futhi uma unebibane, kodwa imithi egcotshwayo kuthiwa yiyona ehamba phambili.

Ibibane lidalwa wukungazesuli kahle izinzwane uma uqeda ukugeza. Ukugqoka izicathulo ezikuqinayo kungakudalela izifo ezinyaweni, nawo amabibane.

Image

Ukungazisulisisi kahle izinzwane kungakudalela izifo zezinyawo.

Izinyawo ezivuvukalayo

Ukuvuvukala kwezinyawo kungasho ukuthi inhliziyo kayishayi ngendlela, ukunyonyobelwa yisifo senhliziyo, noma kungayinkomba yokuthi imithambo yegazi ezinyaweni kayisebenzi ngendlela efanele.

Uma uvuvukalelwa yizinyawo, shesha ubonane nodokotela ngoba kuchaza ukuphazamiseka kokuhamba kwegazi.

Lokhu kungaphazamisa indlela umuntu aphefumula ngayo, angalali ngendlela efanele.

Kuyingozi ukuhamba ungazifakile izicathulo ngezinyawo, ikakhulu emgwaqweni oyitiyela ngoba maningi amagciwane ongawacosha.

Kubalulekile ukuthi izinyawo uzishayise ngomoya noma uhambe ngazo esihlabathini sasolwandle. Ukubhukuda emadanyini nakuma-pool, anamanzi angcolile kungakudalela izifo zezinyawo.

Image
Impehlwa

Impehlwa kuba yizilonda noma ukhwekhwe oluba ngaphansi kwezinyawo. Umuntu onempehlwa uyaqhunga ngoba uma enyathela, izinyawo zivele zinkenkethe.

Impehlwa ihambisana naneminyaka njengoba ijwayele ukuhlasela abantu asebekhulile, kanti kuvama ukuthi kube ngabantu besilisa ikakhulu.

Impehlwa iyelapheka uma izimpawu zayo zisheshe zabonakala. Abantu abajwayele ukuzivocavoca nokuhamba, mancane amathuba okuthi bangaba nempehlwa.

Image
Ukusebenzisa izidakamizwa

Abantu abasebenzisa izidakamizwa ngokweqile, basengcupheni yokuthi baphathwe yizifo zezinyawo.

Izidakamizwa ziyayikhubaza indlela umuntu aphefumula ngayo, ngoba intuthu noshevu owufaka emakhaleni, kuxabana nokulethwa komoya ohlanzekile (oxygen), okugcina sekuba nomthethela ekushayeni kwenhliziyo. 

Ukhwantalala nengcindezi kungazidala izifo zezinyawo. Kuyingozi ukungayi kodokotela uma uzwa ubuhlungu ezinyaweni, ulalela abantu abakutshela ukuthi 'unomeqo, umbhulelo, noma i-speed-trap".

Kukhuthazwa ukuthi uzame izicathulo ezivulekile nezishaya umoya uma uphethwe yizifo zezinyawo. Kukhona izicathulo ezithengwa emakhemisi akhethekile, ezinemithi nezibulali magciwane abasezinyaweni.