10 | Izindaba
Friday, 24 July 2026
Konje isisayinise abadlali abathathu, futhi ishaya ngomqeqeshi omusha
ABALANDELI beKaizer Chiefs ngeke bayiyeke lento yabo yokuwina zonke izinto isizini ingakaqali.
Ngokusayisinisa nje abadlali abathathu, isibona kuzobhujwa?
Ngiyasola sengathi kukhona into engalungile ngokuba ngumlandeli wale kilabhu.
Ngokungena nje kwi-Top 8 emuva kweminyaka nagcina Makhosi, senibona ukuthi konke kuzohamba njengezifiso zenu?
Kambe senishaya nangomqeqeshi omusha nakulo nyaka nizothi nisakhala?
UMzala uyoyicela ivuthiwe Makhosi.
Cishe ngagulelwa ngabangani ubaba uNala
ethi abaculi mabacule izingoma zabo emcimbini wakhe eDundee!
NGUMNU Vezokuhle Nala wenkampani yabangcwabi, i-Amathole Funerals, obehlele umcimbi kwiDundee July, muva nje.
NGIYAKHULEKA kubaba uVezokuhle Nala we-Amathole Funerals, ngezinto ezinhle ahlale ezenzela abantu, kodwa uMzala uyazicelela kwiLunda likaZwelonke, ukuba lehlise bo ngokuzayo.
UMzala ucishe wagulelwa ngabangani ngesikhathi uNala ememezela ukuthi akekho ozocula izingoma zabanye emcimbini wakhe, iDundeee July Experience, ngempelasonto edlule.
Ngivele ngafikelwa nguJumbo emqo- ndweni, ngaba nokwesaba.
Kodwa-ke ungigeze igilo uJumbo ngoba akumthathanga isikhathi esingakanani, wakhumbula ukuthi kambe naye unazo izingoma zakhe, noma ngabe abantu abajabulanga kangako.
Nceku kodwa ngoba izingoma bekungezakho, uMzala ubonga lokho.
KUNEZINTO abantu abakwaziyo ukuzibekezelela bethule. UMzala sekufike lapho ehluleka khona ukuthula ngesimo sikaKing Zoso wesitezi 'esinemibuzo'.
Sekukaningi uMzala ehlangana nale nsizwa ehlala ifake ophaqa abanothuli, kodwa angasho lutho. Into le nsizwa ebiyiyo
kwiDundee July, iyasabisa.
Kuyiqiniso ukuthi eDundee yindawo yamakhaza, futhi kuhlale kubanda, kodwa kulokhu bekugezeka njengoba ilanga belishisa.
Ukuba uMzala akesabi ukuthukwa yiChunu, ngabe uthi malikukhuze King Zoso, ngoba isishayisa ngamahloni le nto yakho yokungazithandi.
NGUTHIBELA oyigidangoma lomculi kamaskandi uKhuzani.
Thibela yehlisa kancane ekutheleni abantu ngamasaladi
SIQINISILE isisho sesiZulu esithi, ungabomethemba umuntu, themba itshe.
UMzala ubethi uyayiziba lento, kodwa yavele yashaya uvala. UKhuzani Mpungose kuzomele akhuze leli gidangoma lakhe eliganiwe, uThibela ngalo mkhuba wakho wokuthela abantu ngamasaladi emcimbini.
Kunabantu abanezinhliziyo ezincane, nabasheshayo ukuthunukala weNtibani.
Ubothi uma ugiya, wehlise kancane phela ekuphakamiseni ibheshu ngoba ngelinye ilanga kuyokwenzeka ngenye indlela.