05  | Iindaba

Friday, 24 July 2026

 Ugculisekile umndeni wowabulawa ngumyeni owayeyisosha, elahlwa yicala

Ummangalelwa uthi umufi wadubuleka bebanga isibhamu... 

Image

Ngumufi uNkk Tania Zungu nomyeni wakhe olahlwe yicala, uLwanda Zungu.

Thandoluhle Ngubo

UMNDENI kaNkk Tania Zungu (39), owadutshulwa wabulawa phambi kwezingane zakhe nonina ngumyeni wakhe owayeyishosha uLwanda Zungu (36), ugculisekile ngendlela okuqhubeke ngayo ukuqulwa kwecala, kwaze kwaba liyamlahla ummagalelwa.

Lokhu kuvezwe ngelinye lamalungu omndeni, elingathandanga ukudalulwa, ngemuva kokulahlwa ngecala kukaZungu yiNkantolo yesiFunda sasePinetown, ngoLwesithathu.

Image

Ngumufi uNkk Tania Zungu owabulawa  ngumyeni wakhe phambi kwezingane zabo.

Leli lungu lo mndeni lithi indlela obekuqhubeka ngayo icala. beyibagculisa.

Image

Leli phephandaba selibike izikhawu ngalolu daba olwenzeka ngoJanuwari ka-2024, emzini osePinetown kamufi nommangalelwa.

Imibiko yaveza ukuthi uZungu wadubula umkakhe amahlandla awu-8, phambi kwezingane zabo ezimbili nomkhwekazi wakhe.

Ngokobufakazi obethulwe enkantolo ngunina kamufi, uNkk Gwendoline Msane, kuvela ukuthi kwasuka ingxabano phakathi kwalaba ababili. Uthi wezwa indodakazi yakhe ikhala, icela usizo, wathi uma ephuthuma ekamelweni labo wazithela kuZungu eyidubula.

Ubufakazi bukaNkk Msane buhambisane nobomphenyi wecala uCapt Solomon Modisane, odwebele inkantolo isithombe ngakuthole ukuthi kwenzeka ngosuku lwesigameko.

Eziphendulela uZungu, wathi wayengahlosile ukudubula umkakhe, wadubuleka ngephutha, bebanga isibhamu. Uthi kuyiqiniso ukuthi baxabana nomkakhe kodwa wakhetha ukumshiya, wayolungiselela ukuyojima.

Image

Uthi wezwa umkakhe ehlohla isibhamu, wabona ukuthi inhloso wukudubula yena, babe sebesibanga, umkakhe wadubuleka amahlandla amaningi ngephutha.

Ubufakazi bukaZungu buphikisene nobukadokotela ohlole isidumbu, njengoba eveze ukuthi uthole ukuthi inxeba lokuqala lalilibi kakhulu ngoba lenza ukuthi u-90% womzimba kamufi ungasebenzi, okwenza kube nzima ukukholwa wukuthi babebanga isibhamu noZungu.

Udokotela wathi, phezu kwalokho isidumbu sikamufi sasingenawo uphawuda wesibhamu, okhombisa ukuthi saqhuma sisesandleni sakhe.

Yethula isinqumo, iMantshi uMuntukayise Khumalo, ichithe ubufakazi bukaZungu, yathi uhlulekile wukuhlinzeka inkantolo ngobufakazi obuyiqiniso. Ibe seyimlahla ngecala, yabe isiliguqisela umhla ka-28 ku-Agasti nonyaka, okuwusuku lapho iyokhipha khona isigwebo.