04 | Izindaba
Friday, 24 July 2026
Mthobisi Sithole
UZOKHUSHULWA ngomcimbi weMpucuzeko Maskandi Festival umculo wesicathamiya. Lokhu kuvezwe ngumhleli walo mcimbi uMnu Xolani Mcineka.
UMcineka usenxuse amabhinca ukuba abambe iqhaza ukufukula umculo wesicathamiya. Uthe ukweseka kwakhe lolu hlobo lomculo uzokubonisa ngokuthi awunikeze ithuba mhla ka-29 ku-Agasti emcimbini weMpucuzeko ePeople's Park eThekwini.
Ngumhleli weMpucuzeko Maskandi Festival, uMnu Xolani Mcineka.
Usevule ithuba lokuthi abantu baqoke amaqembu amabili okuyiwona azonikezwa ithuba. Utshele leli phephandaba ukuthi umculo kamaskandi nowesicathamiya uhlobene.
"Amabhinca siyawanxusa ukuba afukule isicathamiya njengoba ekwazile ukuthatha umaskandi awubeke ebalazweni. Kule minyaka esiphila kuyona umculo kamaskandi usematheni ngoba amabhinca azigqajile ngawo, awulwela ukuthi ufinyelele kuleli zinga. Ngakho-ke nocothoza ungakhula uma amabhinca ezowuphakamisa, awukhangise kuzona zonke izinhlaka zamaciko," esho.
YiColenso Abafana beNkokhelo
Uthe eminyakeni elandelayo sizokhushulwa isibalo samaqembu esicathamiya azonikezwa ithuba kulo mcimbi. Uveze ukuthi kuzosetshenziswa inkundla yezokuxhumana uFacebook ukuqokwa kwamaciko kacothoza, kuthunyelwe amagama amaqembu enomboloweni ezokhishwa ngesonto elizayo.
"Lo mculo uzokhula uma sibambisene, siwufukula sonke," esho.
Ngakolunye uhlangothi, ingqwele emculweni kaCothoza, uVictor Mkhize weqembu iColenso Abafana beNkokhelo, uthe banethemba lokuthi sekufike isikhathi esifanele sokuthi uCothoza uphakame.
"Kusenzima emculweni wethu nakuba waziwa emazweni angaphandle, kodwa kuningi okusamele kwenzeke eMzansi. Siyabonga kakhulu ukuthi amaciko kaCothoza anikezwe leli thuba elihle kangaka ngoba iMpucuzeko wumcimbi ohloniphekile kakhulu ekugqamiseni amaciko," kusho uVictor.
mthobisis@ilanganews.coza