14 | Izindaba

Friday, 24ย  Aprilย  2026ย 

Imibono

Odabeni oluphume kwiLANGA ngoMsombuluko olusihloko sithi:

Luselude ukhalo kolukaNkz Shinga neNFP - umhlaziyi

Image

NGUNKZ Mbali shinga onguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal.
ย 

01


Hlabanabemphika Gadlela Vezi:

Lo mama uhlakaniphile, akakhulumi kakhulu kodwa wenza one. Thulani nibukele.

02


Shiz Blatter Manyosi:

Kodwa naye ufukuziswa ngabantu abehluleka ukukhankasa abavoti, base bebona kungcono ukuba baziphe bona okungesikhona okwabo. Basebenzisa uMbali Shinga ukuzifunza.

03


Mjay Mhlongo:

Akasemuhle naye ๐Ÿ˜‹๐Ÿ˜‹

04


Phiwayinkosi Khoza:

Akazuphuma okwamanje esiShayamthetho uShinga ngoba uzophonsela ubuholi beqembu inselelo ezinhlakeni zezomthetho. Uma indaba isisemthethweni, lokho kuchaza ukuthi usazoqhubeka nokusebenzela uhulumeni.

05


Ishmael Mbokazi:

Lo mama uzofundisa uBarnes ipolitiki.

06


Zulu Ntokzin Bhodlumlilo:

INkatha mayithathe nali iComrade. Iyobe kayinalo iqiniso uma ingayeka lo mama. Uyisebenzele ngokwethembeka.

07


Wonder Fakude:

Iseyinde le ndlela esazohanjwa. Izohamba ize ifike eNkantolo yoMthethosisekelo uma kwenzeka. Kusazojuluka indoda.

08


Dumisani Mthembu:

Usengumuntu ntu, kwazisholo uMbovu.

09


Khumbulane Vilakazi Enquthu:

Abayazi-ke le nto okuthiwa yiMinority Government laba be MK, yikhani besazofundiswa. Kusazothatha iminyaka ukuthi ixazululeke le nto.

10


Zidlekhaya Mfuyi:

Ngimthanda ngoba akayincengi inyamfunyamfu.

11


MLy SA:

Wayephethe izikhiye, wazisebenzisa budedengu. Baphi ayengumshungu nabo? Uzofunda ukuthi ubeka iqembu lakho phambili, umosha kahle uma usune back-up.

12


Mkhize Mthemben:

Kuyaziwa ukuthi iNFP izotshela isishayamthetho ukuthi uMbali Shinga akaselona ilungu labo, bayamkhipha, bese bethumela omunye.

13


Lucky Ntshingila:

Inkantolo ayiguli, uMbali Shinga uzoqhubeka nomsebenzi aqashelwe wona.

14


Mandla Smindlo:

Wase efana kangaka noSenzo Mchunu, uthi akusiyo ingane yakhe ayizala esafunda isikole wayiphika?

15


Mkhize Mthemben

Isishayamthetho sizwa ngeqembu ukuthi ubani elimfakayo