22 | Ezemidlalo
Friday, 24 April 2026
UZakithi Nene ujatshuliswe wukunqoba iSportsman of the year kwiKZN Sport Awards
Mzwamandla Zondi
UZAKITHI Nene ohlomule ngomklomelo weSportsman of the Year kwiKZN Sport Awards ngeledlule eThekwini, uthi uphatheke kabi ngokungabi yingxenye yeKZN Track & Field Championships ngenyanga edlule, ngenxa yokulimala.
Uthe lo nyaka uzokuba matasa kakhulu njengoba kunemidlalo yeCommonwealth ezokuba maphakathi nonyaka eScotland. Uthi uzovula unyaka ngemidlalo yeTrack and Field ebizwa nge-2026 Kip Keino Classic (World Athletics Continental Tour Gold) engoLwesihlanu (lwanamuhla) ngo-9 ebusuku eNyayo Stadium, eNairobi, eKenya.
UNene uthi uwuthanda ukufa lo mqhudelwano waseKenya kwazise yilapho aqala khona ukwenza isikhathi esingaphansi kuka-44:00 kwi-400m.
"Ukwenza kahle kuwona kulo nyaka kuzongisiza ukubona ukuthi unyaka wami uzongiphatha kanjani. Uma sengibuya eKenya ngizogijima kwiSimbine Classic bese ngenza imilenze ethile yeDiamond League.
"Engikubheke kakhulu yimidlalo yeCommonwealth ezokuba seGlascow, eScotland. Ngingakujabulela ukubuya nendondo kulo mqhudelwano," kusho uNene ongowokuzalwa eMnambithi.
Lo msubathi wenze kahle nyakenye eba yingqwele yakuleli ye-400m, waphinde waqopha isikhathi esiwu-43.76 ebangeni lakhe.
Lesi sikhathi ngesesibili esisheshayo kuleli se-400m silandela u-43.03 okuyirekhodi lomhlaba eliphethwe nguWayde van Niekerk. UNene uphinde wasiza iqembu lesizwe le-4x400m lidla umhlanganiso kwiWorld Relay. Waphuma kuma-semi final kuma-Olympic Games ayeseFrance.
Lo msubathi uthe ujabule ngokuhlabana ngeSportsman of the Year kwiKZN Sport Awards. Ubonge nabamvotelile emunxeni weKZN Sport Personality of the Year, yize enganqobanga.