16 | Ezemidlalo
Friday, 24 April 2026
Unekhanda elimnandi njengoba cishe bonke abadlali beyimiqemane ngaphambi kowomkhaya
NGUMQEQESHI we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou.
Senzo Sokhela
UVEZA ubunzima abhekene nabo ngaphambi komdlalo omqoka womkhaya umqeqeshi we-Orlando Pirates u-Abdeslam Ouaddou. IBucs izobhekana neKaizer Chiefs koweBetway Premiership ngeSonto ngo-15h00 eFNB Stadium, eSoweto.
IBucs iya kulo mdlalo nje inengcindezi njengoba isembangweni wesicoco seligi neMamelodi Sundowns. IBucs iyona esaqhwakele esicongweni se-log. U-Ouaddou uveza ubunzima abhekene nabo njengoba beya lulo mdlalo weChiefs.
NGABAQEQESHI nabadlali be-Orlando Pirates nabeKaizer Chiefs.
"Lo mdlalo umqoka ngendlela eyisimanga kuthina ngoba ungeminye yemikhulu e-Afrika. E-Europe ubhekiwe, lokho ngiyakwazi ngoba ngidabuka eFrance, ngikubonile lokho kwenzeka phambilini.
Nase-England ngokunjalo uzobe ubhekiwe nalokho ngiyakwazi ngoba ngidlalile khona. Ngendlela obhekwe ngayo ngithola ngisho izingcingo ezivela e-United State of America, bayasho ukuthi bawulindele.
"Kodwa-ke siyakwazi esikuyela kulo mdlalo akukho okuzoshintsha ngawo ngoba siyawazi umbandela esizibekele wona. Sikuqonda kahle ukuthi ngeke ube lula ngoba neChiefs iphapheme kulezi zinsuku. Kodwa-ke siyela ukuyojabulisa abalandeli bethu kulo mdlalo. Ngifuna ukusho nje ukuthi iChiefs izoba senkingeni into engiyibona ejimini kubadlali bami, balambile bayawufuna lo mdlalo.
UMQEQESHI weziMnyama unxusa abalandeli ukuphuma ngobuningi ukuyokweseka le kilabhu empini yayo nomkhaya bayo iKaizer Chiefs.
"Ngibhekene nenkulu inkinga ngoba kufanele ngiqoke abadlali abazogijima lo mdlalo lapho akunamuntu osegunjini labalimele, bonke bangumqemane ngaphandle kwalaba abakade balimala ababili (uThapelo Xoki noSihle Nduli),'' kusho u-Ouaddou.
Ube esethumela umyalezo kubalandeli bale kilabhu.
KULINDELEKE ukuba iphinde igcwale kanje inkundla iFNB Stadium uma sekutholana phezulu omkhaya baseSoweto ngeSonto.
"Ngifuna ukubabonga abalandeli bethu ngokuhlale benathi ngaso sonke isikhathi uma sidlala, akukhathalekile ukuthi sidlala kuphi. Ubukhona babo bafake abafana umfutho kubenza balwe ngokuphindiwe. Kodwa uma bebahhahhameza nabo bangabantu, baba noKhwantalala behlelwe ngumdlandla. Njengoba siya kulo mdlalo kufanele siqhubeke nokuba yimbhumba silekelelane ukuze siphumelele,'' kusho u-Ouaddou.