12 | Izindaba
Friday, 24 April 2026
NGUSOLWAZI uBhedlindaba "VVO" Mkhize.
Kuthiwa baningi abantu abasohlwini abalinde ukunikelelwa ngezitho zomzimba
Thandi Zondi
SICHITHA "isintu" esithi, kawemukeleki kwelamathongo uma ungcwatshwe nezitho zomzimba ezingaphelele isazi samasiko, nomelaphi wendabuko, uSolwazi Bhedlindaba Velaphi "VVO" Mkhize.
UMkhize ubekhuluma neLANGA LangeSonto, kulandela imibiko yenhlangano ebhekelele ukunikelwa kwezitho zomzimba, i-Organ Donation, eveze ukuthi lubukeka lukhula uhla lwabantu abalinde ukunikele-lwa ngezitho zomzimba, yize sigqozile isibalo sabantu abanikelayo.
Lokhu kunikela kuyinto engajwayelekile kwabampisholo, njengoba kunenkolelo yesintu ethi, umuntu odlule emhlabeni wangcwatshwa kukhona amalunga omzimba ashodayo, akemukeleki kwelamathongo.
UMkhize uthi le nkolelo kayilona iqiniso.
Uthi abakholelwa kwabangasekho, bangakwazi ukunikela ngezitho zomzimba, babike njengoba kwenziwa uma umuntu elahlekelwe yilungu lomzimba ngenxa yesifo noma yengozi.
"Abantu abangasekho kuyakhulumeka nabo, futhi balalele. Isibonelo nje, ake sithi unesifo sikashukela, futhi ugcina usunqunywa umlenze.
Lokho kuyabikwa uma ungasekho ukuthi njengoba usibanibani efika engasena-mlenze, yingoba isimo sempilo besingesihle, wagcina enqunywa umlenze. Nakhona ekunikeleni, siyacela ethongweni, sisho ukuthi kukhona okumele asizakale.
"Kuyakhulunywa nabantu abangasekho, nabo baphilile phambilini, futhi bayezwa. Angiyiboni inkinga ekunikeleni njengoba kwenzeka uma umuntu esuke enikela noma enikelelwa ngegazi ukuze aphile," kusho uMkhize.
Uthi emandulo kwakusizwana, futhi kusiselwana ngoba abantu babekuqonda ukubaluleka kokusizana.
"Izinto eziningi sizisusela kwinzwabethi, kasibi nakho ukuqonda.
Uma uqoka ukunikela ngezitho zomzimba, idlozi kumele libikelwe.
"Nalo liyathanda ukuthi usize, futhi usizwe, ngoba kwesinye isikhathi abantu abasuke bekusiza, basuke bethunywe yilo," kuphetha uMkhize.
Izibalo zakamuva
Ngonyaka owedlule abakwa-Organ Donation, babike ukuthi babalelwa ku-4 300 abantu abasohlwini lwabalindele ukunikelelwa ngezitho zemizimba.
Lo mbiko uthi nakuba kunjalo, bangaphansi kuka-300, ababa senhlanhleni yokunikele- lwa.
Bathi uma kuza ekunikelelweni ngezinso, kungathatha cishe iminyaka ewu-5 kuya kwewu-12, ukuyithola uma singekho isihlobo noma umuntu ophilayo ongakunikelela.
Babika ukuthi uma kuza kwezinye izingxenye zomzimba ezifana nenso, inhliziyo namaphaphu, isikhathi siyashiyana njengoba konke kusuke kulele ekutheni isimo siphuthuma kangakanani, futhi negazi lalowo onikelayo liyahambelana yini nelonikelelwayo (compatibility).
Bathi kubalukelile ukuthi ofisa ukunikela, azise umndeni wakhe kusenesikhathi ngoba yiwona oba nesinqumo sokugcina uma eseshonile.
Bagcizelela ukuthi umzimba uba sesimweni esihle, nesifanele sokuthi ungabonwa, kungabonakali nakancane ukuthi kukhona izitho ezishodayo.
Yiziphi izingxenye okunikelwa ngazo?
Uma kukhunywa ngokunikelwa kwezitho zomzimba, kusuke kukhulunywa ngezitho ezifana nenhliziyo, amaphaphu, yisibindi, yizinso nokunye.
Izitho zomzimba ezinikeliwe zisuswa kumuntu zifakwe komunye.
Uma lowo onikelayo sekuqinisekisiwe ukuthi useshonile ngokwengqondo (brain dead), okuwuhlelo oluqinisekiswa ngodokotela ababili abazimele, kodwa esaphefumula ngemishini, izitho zomzimba afisa ukunikela ngazo, zithathwa ngaleso sikhathi, zifakwe komunye esikhathini esingamahora angemangaki.
Kumuntu oshone engozini yemoto noma endleleni eya esibhedlela, izitho zakhe zisuke zingeke zisasebenza, kodwa usuke esengakwazi ukunikela ngezicubu (tissue donation) ezifana nesikhumba, isicubu seso (cornea) namathambo.
Onikelelwayo angafakwa izicubu nangemu-va kwezinsuku ezimbalwa ngoba izicubu ziyakwazi ukugcineka kwi-tissue bank.
Umuntu eyedwa angakwazi ukuhlenga abantu abawu-7.
Ngenhliziyo, inso ne-pancreas, kuhlengeka abantu abawu-3, bese kuthi izinso namaphaphu kungahlenga abantu abawu-4.
Zikhishwa nini?
Izitho: Inhliziyo ingakhishwa emahoreni awu-4.
Amaphaphu angakhishwa emahoreni awu-6.
Isibindi singakhishwa emahoreni awu-10.
Izinso zingakhishwa emahoreni awu-12.
Izicubu zona zithatha isikhathi esithe xaxa:
I-Cornea ne-soft tissue kungakhishwa esikhathini esingamahora awu-24.
Isicubu samathambo singakhishwa ezinsukwini eziwu-5.
Ngeminye imininingwane ngokunikela, ngena kwi-website ethi: www.odf.org.za noma ushayele inombolo yamahhala ethi: 0800 22 66 11.