10 | Ezokungcebeleka
Friday, 24 April 2026
UMzala uyazifela ngoMakaThangithini, uma nje engayeka ukuhayiza njalo
UMZALA uyazifela ngoMakaThangithini. I-content yakhe yehlukile futhi imnandi. Usuku nosuku kukhona okwehlukile aqhamuka nakho.
Inkinga ilana-ke makaTha, sikhona yini isidingo sokuhayiza kuyona yonkinto? Phathaphatha ..Hi..hi...hi..hi...hhawu yebuya mama!!
Phela ezinye kazisidingi ngempela lesi sililo. Musa ukungibhora darling.
Mana-ke sengicishe ngakhohlwa wukubuza. Awusho, laphaya oKhozini kuqashwe uMakaThangithini noma kuqashwe uSimthande Myeza?
Phela uMzala uvele angabe esazi ngempela. Ngikuthanda ngapha kwi-content MakaTha, laphaya uMzala usuke elindele uSimthande.
Kodwa-ke phela angazi ukuthi wena nabaqashi bakho navumelana ngokuthini.
Wenze kahle uSthelo Shozi, wavala abaningi imilomo ngengqovungqovu yendandatho!
HAYIBO uSithelo Shozi, wavele wavala wonke umuntu ngeringi kanokusho yomethembiso.
UMzala ubesathi ulalele lezi zindaba zokuthi kuthiwe nawe wawukade ujola noKagiso Michael Lerutla, oyimenenja yedolobha.
Abazishwashwathayo bathi le nsizwa kuthiwa yake yajola nawe, uCyan noMaWhoo....he..he..he... Bengisalinde ukuthi ubatshele ukuthi mabayeke ukukuhlanganisa nawo wonke amabibane.
Wavele wangiphoxa, wavala kwasani umlomo ngengqovungqovu yeringi oyithengelwe nguKudzaishe Magura waseZimbabwe.
UMzala ubesakufuna kabi kabi, kodwa-ke kulungile, abasale sebekuthatha.
Kuthatha indoda emadodeni ukuvuma ukuthi izinto zitshekile, ingagxeki abathakathi
INDODA ingawa namhlanje kusasa iphinde ivuke. Washo njalo uMandoza osezilalele kobandayo. UMzala imthintile i-post kaKgolo Da Guru Mthembu, lapho ebebhala khona ukuthi sekuphelile ngendawo yakhe yokuzithokozisa, iViews at Twenty5.
Into engichazile ngalo somabhizinisi, wukuthi akazange alokhu ekhala ngomona kwi-industry noma athi uyathakathwa.
Ukubeke kwacaca ukuthi okunye kube ngamaphutha akhe awenzile, waxolisa nakwabaphoxile endleleni.
Mfo kaMvelase, kuthatha indoda emadodeni ukwehlela ngezansi, uvume amaphutha.
Kusengenzeka noma yini, nakusasa usengavuka nelinye ibhizinisi. Ndoda thatha amandla, uMzala uyakwethemba ukuthi uzovuka uzithuntuthe.