05 | Izindaba

Friday, 24 April 2026

Image

Livume icala iphoyisa elabulala uzakwabo kubangwa imali ezalayo


Kuvuke umunyu kufundwa incwadi yenkosikazi kamufi

Skhosiphi Mthembu

LIVUME icala, lagonyuluka konke okwenzeka iphoyisa elabulala uzakwabo elalimkweleta imali ezalayo, esigamekweni esenzeka esiteshini samaphoyisa aseNzuze, eNdwedwe ngo-2024.

UThabo Thusi ugonyuluke eNkantolo eNkulu yaseMthunzini ngoLwesine, mayelana necala lokubulala uSgt Nkanyiso Khoza, owayenguzakwabo esiteshini saseNzuze.

Lesi sigameko senzeka ngohla ka-4 kuJune 2024, ngesikhathi uSgt Khoza esemsebenzini, kanti uThusi yena wayengasebenzi ngalolu suku.

Inkantolo ibigcwele amalungu omndeni nezihlobo zikamufi, ezihlulekile wukuzibamba, zakhala ngesikhathi kufundwa ingonyuluka kaThusi.

Ngesikhathi ummeli wakhe, uMnu WZ Ncama efunda ingonyuluka,  uThusi ubelokhu ebhekise ikhanda phansi, esula amehlo ngethishu abeyiphethe, sengathi uyakhala.

Egonyuluka, uveze ukuthi wayekweleta umufi u-R-4 000, owawuhamba nenzalo, okwakumele awukhokhe ekupheleni kukaMay, ngawo u-2024.

Uthe wahlangana nomufi, baxoxa ukuthi uzoyikhokha kanjani le mali. Ngosuku lwesigameko, uthe washayela umufi ucingo, emtshela ukuthi mababonane, ukuze ezomkhokhela.

Uthe umufi wamtshela ukuthi makaye emsebenzini, ngoba yena wayengena ebusuku.

"Ngaya kuyena emsebenzini, ngamfica e-charge office.

"Ngamtshela ukuthi ngizomkhokhela u-R4 000 kuphela, inzalo ngiyikhokhe ekupheleni kukaJune.

"UKhoza akakuvumanga lokho, kwabe sekuqubuka ingxabano phakathi kwethu. Kwathi kusenjalo, wangishaya ngempama, izikhawu ezintathu.

"Ngamphusha, ngadonsa isibhamu sami somsebenzi, ngamdubula," kusho uThusi.

Uveze ukuthi wakwenza lokhu ekuqonda ukuthi uphula umthetho, wakwenza ngenxa yokucasuka.

Ijaji, uMnu Mfuniselwa Nkosi, limbuze ukuthi ngesikhathi edubula umufi, wayekwenza ngoba ezivikela, noma wakwenziswa wukucasuka.

Uqale wathi wayezitshela ukuthi umufi uzomdubula kuqala. Ijaji limbuzisisile, lameluleka ngokuthi makayicabangisise impendulo yakhe.

UThusi uthe angasho ukuthi wenziwa wukucasuka, ngoba umufi wayengakasikhiphi isibhamu sakhe ngesikhathi emdubula.

Kuvuke umunyu ngesikhathi kufundwa incwadi kaNkk Nontobeko Khoza, oveze ukuthi selokhu kwashona umyeni wakhe, uthwele kanzima, kumele anakekele izingane zabo ezintathu.

Uthe okubuhlungu wukuthi le nto yenziwa ngumuntu oyiphoyisa, okwakumele ngabe usebenzisana nomyeni wakhe ukuvikela umphakathi.