03 | Ezikaqedisizungu

Friday, 24 April 2026

Image

UKhuzani "uqwashiswa" wukuphela kwamathikithi omcimbi wakhe

Uveze ukuthi amaphoyisa azobe egcwele, ukuqinisekisa ezokuphepha

Mthobisi Sithole

UZIMISELE ngokukhipha amangwevu kwezokuphepha emcimbini wakhe, iBlue Nation Festival, ozokuba seCarnical City, eGoli, mhla ka-2 kuMay, uKhuzani "iNdlamlenze" Mpungose, ongumculi kamaskandi.

Okwenza lo mculi avule amehlo ngezokuphepha, wukufunwa kakhulu kwamathikithi alo mcimbi, asephelile.

Image

NGUMAFIKIZOLO wodumo lwengoma ethi, Uyoncengwa Unyoko.

Uthi indawo okuzokwenzelwa kuyona lo mcimbi, isezingeni eliphezulu.

"Le ndawo iwubukhazikhazi, iphambili kakhulu. Akufanele siphoxe igama lomculo kamaskandi, kube khona izinkinga ezibangelwa ngabantu abangawatholanga amathikithi.

"Ngiyabonga kakhulu kwabawathengile, ngiyaqinisekisa ukuthi kuzobe kumnandi kakhulu," kusho uKhuzani.

Image

NGUMCULI kamaskandi, uDSD ozobe eyingxenye yabaculi abazonandisa emcimbini kaKhuzani.

Uthe kawekho amathikithi azodayiswa eCarnival City, ongenalo ngeke avumeleke ukungena.

Uthe kakuvumelekile ukudla okuthengwe ngaphandle, okuzongena ngaphakathi eCarnival City, kayivumelekile iCoooler Box, kazivumelekile izikhali - ngisho  nezesintu imbala.

Uveze ukuthi inkampani yonogada eqashiwe, inamagalelo aziwayo emicimbini ehlonishwayo eNingizimu Afrika.

"Amaphoyisa azobe egcwele, ukuze kuqinisekiswe ukuphepha kwabantu," esho.

Image

NGU-JUMBO ongumculi we-gospel, naye osohlwini lwabazonandisa.

Abaculi abazobe benandisa; uMzukulu, uFalabo, uGatsheni, iNkosi Yamagcokama, uNtencane, uLimit Nala, uNjoko, uJumbo, uMafikizolo, uFeza, uShenge WaseHlalankosi, uMkhulekelwa, uNavigator, uMjolisi, uThandazani, uBuselaphi, uNdoni, uMfokaMsezane, uJaivazimnike, uLuve, uSkweletu, uQuality Biyela, uNjabulo Langa, uMzukulu kaShafuza, uMayogathi, uMenzi, uMlabalaba, uMphathi woHlelo, uKhangelani DsD, uJikelele nabanye.

Umcimbi uzoqala ntambama, uvalwe ebusuku, ngo-00:00.

UKhuzani uthe uzobe ecula bukhoma (live) izingoma zakhe ezingamanoni. Kulo mcimbi uzocula amahora amabili esteji.

Indawo yomcimbi imumatha abantu abangaphezudlwana kuka-5 000.
mthobisis@ilanganews.co.za