02 | Izindaba

Friday, 24 April 2026

Ezifingqiwe


01


"Akuwona umsebenzi wenu ukubheka abakuleli ngokungemthetho"- Mkhwanazi

Image

UKHOMISHANA wamaPhoyisa, KwaZulu-Natal, uJenene Nhlanhla Mkhwanazi (osesithombeni esingenhla), usexwayise izinhlangano ezithi abantu bokufika abangenayo imvume yokuba seNingizimu Afrika, mabahambe, wathi zizothola amathonsi abanzi.

UMkhwanazi uthi wumsebenzi wamaphoyisa ukubheka abokufika kuleli ukuthi banazo yini izimvume, hhayi izinhlangano zomphakathi.

Izinhlango zomphakathi, iMarch and March, i-Operation Dudula, iLabour and Civic Organization, noNgizwe Mchunu, ozibiza ngoMengameli wamaBhinca, bebenokhukhulelangoqo wemashi, kuleli sonto, ephele ngodlame sekuhlaselwa izitolo, nabantu bokufika.

UMkhwanazi uthi ubona ingozi yokuthi kuzohlaselwa nabantu baseNingizimu Afrika, abafaniswa nabokufika.


02


Kuza ingqungquthela enkulu yezokuvakasha eThekwini

Image

KUSUKELA ngomhla ka-11 kuya kumhla- ka-14
kuMay, kuzobanjwa ingqungquthela yaminyaka yonke yezokuvakasha, e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), eThekwini, ebizwa nge-Africa Travel Indaba.

Le ngqungquthela izovulwa nguMengameli uCyril Ramaphosa.

UNgqongqoshe wezokuVakasha, eNingizimu Afrika, uNkk Patricia de Lille (
osesithombeni esingenhla), uthi umkhakha wezokuvakasha ukhombisa ukusimama njengoba uke waphazanyiswa wubhubhane lweCOVID 19, nezibhelu zango-July, ka 2021.

Uthi ngonyaka odlule, iNingizimu Afrika ibe nezivakashi eziwu 10.4 million, okuyinto esimamise umnotho wezwe.


03


Kuqhubeka umjikelezo wokulalela isabelomali eThekwini

Image

UMASIPALA weTheku, usaqhubeka nemijikelezo ngale mpelesonto, yokulalela izimvo zomphakathi ngesabelomali sika-R74 billion, sonyakamali ka 2026\7.

IMeya yeTheku, uMnu Cyril Xaba, imemezele ukuthi umasipala uhlongoza ukwenyusa imali yama-rates ngo-5%, ekagesi ngo-10,5%, neyokuqoqa imfucuza ngo- 13%.

NgoLwesithathu, bekulalelwe izethulo zabahlala kumawadi awu 16, asenkabeni yeTheku.

IPhini leMeya uNkz Zandile Myeni, likhuthaze amalungu omphakathi ukuba abe yingxenye yale mijikelezo, ngoba ithinta imali yentela ekhokhwa yiwo.

menzi.jele@ilanganews.co.za


           04


Image

UMbalula unqumele ugwayi katiki amalungu e-ANC

UNOBHALA-Jikelele we-ANC, uMnu Fikile Mbalula (osesithombeni esingenhla), uthi i-ANC isadlelana
ne-SACP, nakuba kubukeka kunoqhekeko ngobudlelwano bala maqembu.

Lokhu kulandela isinqumo se-SACP sokuvuma ukungenela ukhetho lohulumeni basekhaya oluzoba ngasekupheleni kwalo nyaka.

Esigcawini sabezindaba izolo ngoLwesine, uMbalula unqumele amalungu aleli qembu ugwayi katiki, ngokuthi kumele aphumele obala, acacise ukuthi azokhankasela i-ANC noma amanye amaqembu.

Uthe lo myalelo uqondiswe kuwona wonke amalungu aleli qembu, nalawo angamalungu e-SACP, okumele azibonakalise ukuthi azombatha ngakuluphi uhlangothi kulolu khetho.