21 | Ezemidlalo
Friday, 23 October 2026
NGU-BRUNO Fernandes weMan United ezama ukudlula kuMaximo Perrone weComo.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Nhlanhla Hudla
UKAPUTENI weManchester United, uBruno Fernandes, ukhwele wadilika kumqeqeshi wakhe emuva kokuba le kilabhu ibhabhadiswe yiComo yase-Italy ngo-4-1 kowe-Uefa Champions League ngoLwesithathu ebusuku.
UFernandes - odabuka ePortugal - ukhale ngezinqumo zikaMichael Carrick ongumqeqeshi, odonsa kanzima phezu kokuba waqala wenza kahle esafika kwiRed Devils ayijoyina ibhinjelwa yizinto ngesizini edlule, yehluleka ngisho nakuwukungena kwiChampions League.
"Ngikholwa wukuthi abaqeqeshi benze iphutha elikhulu kulo mdlalo. Basenze sahlala emuva, okuyikhona okwenze sanika izitha ithuba elanele lokuba ibhola libe ngakuzona.
"Le nto eyenzekile ibe yiphutha ngoba uma uvumela abantu ukuba bagcine ibhola, bathola ithuba lokubuyelwa wukuzethemba.
"Le nto kuzomele siyilungise ngokushesha. Kuyiqiniso ukuthi nathi kasenzanga okufanele, kodwa konke kwenzeke ngenxa yethimba labaqeqeshi," kusho uFernandes.
NGU-Michael Carrick (okwesobunxele) okumqeqeshi weMan United, nomdlali wakhe uFernandes.
IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
Ekhuluma emuva komdlalo uCarrick, obedinwe eveva, ukhale ngendlela abadlali bakhe abadlale ngakhona.
"Le nto eyenzeke emdlalweni kayamukelekile. Kufanele abadlali badlale ngendlela eyodwa njalo. Kuzomele le nto siyilungise ngokushesha," kusho uCarrick.
Ihlulwa kulo mdlalo nje, ngeSonto izovakashelwa yiBournemouth ngo-16h00 koweligi.
* Imidlalo ye-English Premier League ihlelwe kanje:-
NGOLWESIHLANU
Ipswich Town vs Forest 21h00.
NGOMGQIBELO
Aston Villa vs Man City 13h30.
Coventry vs Fulham 16h00.
Arsenal vs Everton 16h00.
Chelsea vs Spurs 18h30.
NGESONTO
Hull vs Brentford 16h00.
Liverpool vs Brighton 16h00.
Man United vs Bournemouth 16h00.
Palace vs Newcastle 16h00.
Sunderland vs Leeds 18h30.
* EyeSpanish La Liga:-
NGOLWESIHLANU
Alaves vs Malaga 21h00.
NGOMGQIBELO
Rayo Vallecano vs Elche 14h00.
Santander vs Espanyol 16h15.
Valencia vs Villarreal 18h30.
Atletico Madrid vs Derpotivo 21h00.
NGESONTO
Athletic vs Getafe 15h00.
Celta vs Betis 17h15.
Real Sociedad vs Levante 19h30.
Barcelona vs Real Madrid 22h00.
NGOMSOMBULUKO
Sevilla vs Osasuna 22h00.
* Eye-Serie A yase-Italy:-
NGOLWESIHLANU
Torino vs Monza 20h45.
NGOMGQIBELO
Cagliari vs Bologna 15h00.
Como vs Sassuolo 15h00.
Napoli vs Roma 18h00.
Lazio vs Parma 20h45.
NGESONTO
Inter vs Fiorentina 13h30.
Genoa vs Venezia 16h00.
Atalanta vs Frosinone 16h00.
Lecce vs Juventus 19h00.
Udinese vs AC Milan 21h45.
* EyeGermany Bundesliga:-
NGOLWESIHLANU
Stuttgart vs Monchengladbach 20h30.
NGOMGQIBELO
Leipzig vs Elversberg 15h30.
Mainz vs Werder 15h30.
Cologne vs Schalke 15h30.
Ausburg vs Union Berlin 15h30.
Parderborn vs Hamburg 15h30.
Dortmund vs Frankfurt 18h30.
NGESONTO
Hoffeinheim vs Leverkusen 16h30.
Freiburg vs Bayern Munich18h30.
* EyeLigue 1 yaseFrance:-
NGOLWESIHLANU
Brest vs Nice 20h45.
NGOMGQIBELO
Toulouse vs Troyes 17h15.
Lens vs Paris 20h45.
NGESONTO
Monaco vs Lille 16h00.
Auxerre vs Le Mans 18h15.
Marseille vs Le Havre 18h15.
Angers vs Lorient 18h15.
Rennes vs Strasbourg 18h15.
PSG vs Lyon 21h45.