16 | Ezemidlalo

Friday, 23 October 2026

Image

NGUCHISI Mbewe ongumqeqeshi weRed Arrows yaseZambia ezobhekana neziMpofana.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

"Sekuphelile ngeChiefs kwiCaf" - owaseZambia


Bathi iziMpofana mazikufake emakhanda ukuthi kaziyi esigabeni samaqoqo

Senzo Sokhela
 
USONGELA iKaizer Chiefs ngomqhudelwano weCaf umqeqeshi weRed Arrows yaseZambia, uChisi Mbewe.

IRed Arrows izogadulisana neChiefs emlenzeni wesibili wokuhlungela ukungena esigabeni samaqoqo seCaf Confederation Cup, ozokuba ngoLwesihlanu ngo-18h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Emlenzeni wokuqala obungeledlule eZambia, iRed Arrows inqobe ngo-1-0.

UMbewe uthi iChiefs mayikufake kusemanje emiqondweni yayo ukuthi isiphumile kulo mqhudelwano.

"Ingijabulisile indlela abafana bami abalwe ngayo emlenzeni wokuqala, yize sihlulwe yinqwaba yamathuba kwazise iChiefs ibilahlile. Ngesinye isikhathi ibhola liba njalo, wakha inqwaba yamathuba, ugcine uthola igoli elilodwa.

"Njengoba iChiefs izokube isekhaya nje, kakufanele siyinike izikhala zokudlala. Umyalezo wami ucacile kubadlali bami, siyodlala umlenze wesibili manje, kufanele siqine ngokomqondo, kakufanele sizithele ngabandayo.

"Besihlose ukuthi sifike eMzansi sihamba phambili ngamagoli amathathu, kodwa kakwangenzeka lokho.

"Engingakusho nje wukuthi siyolwa kulo mdlalo, sifuna ukungena ngenkani esigabeni samaqoqo. Enginesiqiniseko sakho wukuthi iRed Arrows izobe idlala esigabeni samaqoqo kumnyama kubomvu," esho.

Image

NGABANYE babadlali beChiefs okubhekeke ukuba balwe kuze kukhumuke amaqakala uma sebebhekene ne-Arrows yaseZambia.

ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

Amathikithi alo mdlalo abiza uR80 eShoprite naseCheckers, kanti ayatholakala naseComputicket uma ufuna ukuwathenga online.

* Komunye umdlalo weCaf Confederation Cup, iDurban City izobhekana nePort Louis yaseMauritius emlenzeni wesibili ngeSonto ngo-15h00 kulo leliya lizwe.

Emlenzeni wokuqala obungeledlule eMoses Mabhida Stadium, iCity inqobe ngo-3-1, okwenze yafaka umlenze owodwa esigabeni samaqoqo.