15 | Izindaba
Friday, 23 October 2026
Odabeni oluphume kwiLANGA ngoLwesine oluthi:
Kalikho iqembu elizobusa lodwa uMasipala weTheku, baphawulile abafundi bethu kwiFacebook:
Thokozani Mthembu:
Kayikho leyo nto, senenzela ukurobha kahle iMKP.
Yolanda MamakaSbabalwe Gasela:
Vele sisekhona nje siyi-ANC, asibheki emuva, sizovota.
Thobile Hlongwane:
Kungase kube yiqiniso. 🤞🤞
Yise Nzimande:
Nami ngingacishe ngiluvume lolo cwaningo. Kasazi-ke kulabo bona abathi iTheku bazolinqoba ngamalengiso okhethweni.
Khumbulani Usehlule Mhayise:
Namzukwane behlela le nto yabo ye-GNU, basho kusasele izinyanga ukuthi ukhetho luzohamba kanjani, nangempela kunjalo namhlanje.
Yingakho ngithi mina i-IEC inabantu abayikhontrolayo ukuthi kumele isebenze kanjani. Yingakho uKhongolose wenza izinqumo eziwuziqhatha nabantu, kodwa kungadikizinqulu, ngoba bayazi ukuthi into yabo iqondile.
Sipho Msimango:
Uma kunjalo lizobuswa yi-IFP, yi-ANC ne-DA, abanye mabakho-hlwe, kuyoze kubuye uJesu bephethwe.
Siza Ntombi KaMasenginja Zuma:
Kodwa uma kungaphuma uKhongolose nje, kungaba mnandi.
Sfiso Mholi Khuzwayo:
Kuzokwenzeka okwenzeka ngo-2024, okhethweni lukazwelo-nke nezifundazwe, izocima imishini.
Gibson Gumede:
Emaqenjini abantu abamnyama kalikho elingcono, wonke ayafana nje ne-ANC. Alibuyele kubelungu, finish.
Wiseman Ngema:
Sifuna lokho ngoba amaqembu angenela ukuyokweba.
Nhlanhla Gumede:
Uma kungawinanga nje le genge esizenza ukuthi izelwe kabusha, siyojabula kakhulu.
Tonic Mtaka Ntombizenadi Zuma:
Vele i-ANC izowina, nivotile ningavotanga, kuyafana futhi isiwinile kumanje. Le nto eyenziwe nguMbalula yokuguqula isinqumo senkantolo ephakeme, kuchaza khona ukuthi bayazenzela.
Bonginkosi Dlamini:
Kumanje vele kalikho eliphethe ngokuzimela.
King Fish:
Nakwi-national, sifuna kube kanjalo.
Nqobi Ndebele:
Lo mkhandlu ake uholwe ngamanye ama-political parties. Lo mkhandlu usaphathwe ngu-Obed Mlaba, noJames Nxumalo, ubungcono kakhulu.
Emuva kwabo livele langcola iTheku. Akunikwe abanye ithuba manje, sibone ubuholi obunye benzenjani.