14 | Izindaba 

 Friday, 23 October  2026

Imibono

Odabeni oluphume kwiLANGA online oluthi:

Baphawulile kwiFacebook ngokubuyiselwa emsebenzini kukaJenene uFannie Masemola:

Image

NGUJENENE uFannie Masemola obemisiwe.

01


Cpher Msomi Mncube:

Noma angazincengela ngokubuyisela uMasemola, kodwa nje si-right ngaye bandla.

02


Sthe MaZondo:

Manje uzobenzenjani abambophela amanqina enyathi?

03


Man G Gule:

Siyabonga. Makabophe-ke manje.

04


Mntwana Ndaba:

Uyindoda eqotho nethembekile mfo kaMasemola.

05


Thembeka Hlophe:

Siyabonga, uNkulunkulu usithanda sonke.

06


Lungile Thando:

Siyakubongela bhuti omdala, kodwa ungakhohlwa wukuthi amanzi la ake ama khona, aphinde ame.
Wena okwakho wukubaphikisa ngokwenza ukulunga, ushintshe iSouth Afrika ibe ngcono. Amen. 🙏

07


Lwazi Mavulane:

 Make aphaphame naye lo baba ngeke, ngathi usamfundisi nje, hhayi iphoyisa.

08


Bekezela Ngcobo:

Khuphuka lapho National Commissioner!

09


Mnesh Khumalo:

Siyambongela uMasemola, kodwa kufanele azi ukuthi ipolitiki kayigobi uphondo kalula kanje. Ubuyiselwe, kodwa abeluleki bepolitiki bayazi ukuthi bazombamba kanjani, kuphi, bese bemtshela ukuthi makesule emsebenzini.

10


Sibongiseni Mowabisi Bendle:

UMchunu uzoboshwa-ke manje.

11


Nomsa Xulu:

UMbalula uboshwa nini yena njengoba ehamba equleka esidlangaleni nje?

12


Nhlanhla Mabaso:

Bathini ngesithunzi sakhe esimoshekile ngento engekho?

13


Phumelele Sibiya:

Kodwa uThixo, uyathula alalele bese eyaphendula. Siyabonga.

14


Makhòsònke Mbonambi:

Kwakuvele kudlalwa ngaye. Bekufanele abekwe icala lowa mfazi weNdiya okhohlake, obizwa ngogojasi.

15


Skhumbuzo Mchunu:

Buyela Masemola, umsebenzi wakho ukulindile ninoNdonga.

16


Dumisani Mbatha:

Siyabonga baba Masemola. Kwakumele uhlushwe, uxhasha-zwe ukuze ugeze, uqinise ubuntu bakho, igama lakho nesithunzi somsebenzi wakho. Khula baba!

17


Leinard Xhade:

Kuthiwani ngoMchunu ohola ebe emisiwe, ekubeni sekukhona ibamba, nalo eliholayo?

18


Ntombizonke Roloma Zonke:

Uthini u-Adams ngapho? 🤣🤣🤣🤣