13  | Ezezimoto

Friday, 23  October  2026

Ibiza kahle kodwa iwudla kuzwele uphethiloli iLand Cruiser FJ VX

Abanye ibathathile kodwa abanye bashaya amakhala...

Ishaye Izule noZandile Tembe

Image

AWUBI mqondo-mibili ngeSUV esagandaganda yakwaToyota, ebanga enkulu impikiswano kubashayeli abaningi. I-SUV entsha yakwaToyota nesithenjwa kumaSUV abo, iLand Cruiser, inohlobo olusha lwe-SUV eyi-4x4 ethi noma ibathatha abanye, kodwa ishayise amakhala kwabanye.

Bebehlukene kabili abantu abeze kimi lapho bebona le moto; bekuba ngabayithandayo nabangayithandi nhlobo. Izizathu futhi bezihlukene; abangayithandi bayithole ingeyinhle futhi ingaqondakali ukuthi yakhelwe hlobo luni lomshayeli.

Image

Iningi labayithandile bayithandela izindawo zasemakhaya ngenxa yokuphakama kwayo.

Umbuzo omkhulu wukuthi njengoba iwuhlobo lwe-4x4 ehlanganise imixhantela yeSUV, iyamelana yini nokuhamba kahle etiyeleni nasobhuqwini?


ILand Cruiser FJ VX yenani lika-R761,400 ikuphathele lokhu; 245mm wokuphakama kwayo okusho ukuthi ikulungele ngokungaphezulu ukuhamba emigwaqweni enamatshe nengalingani. Isakhiwo sayo esisabhokisi senza yanele kahle nasezindaweni ezincane, ikakhulukazi uma upaka. Ibhuthi layo lingamalitha awu-512 nakuba ithayi eliyibelethe emhlane lithatha indawo.

Image

Inezihlalo eziyisihlanu (5) ezanele umndeni omncane.
Inenjini engamalitha awu-2.7, amasilinda awu-4 kaphethiloli (2TR-FE), inamakhilowathi awu-122 kanti idonsa ngo-245 Nm, bese iba wumshini ozishintshayo owu-6-speed, kanti uyakwazi ukukhetha u-H4 no-L4 lapho ushayela.

Ithangi layo lingamalitha awu-63, idla ngaphezu kwamalitha awu-11 emakhilomitheni awu-100. Ukudla kwayo uphethiloli yikho okungikhalise kakhulu ngoba ezinsukwini eziwu-7 ngiwugcwalise kathathu uphethiloli, ngokushayela edolobheni nohambo losuku lwaseNtambanana.

Image

Ukubukeka kwayo nombala kuyalidonsa iso uma uthanda izimoto ezisabhokisi, kanti ikwenzela umhlola emagqumeni, okuyilapho iziveza khona amandla ayo.

Kungiphoxile ukuthi ayizi nodizili, ihamba ngophethiloli kuphela.

Ingaphakathi layo alizi nokutheni kanti nobuchwepheshe ngobujwayelekile. Ngize ngayibuyisela emuva ngingakwazanga ukuxhuma u-Carplay, owenza kube lula ukusebenza komakhalekhukhwini nemoto ohamba ngayo.

Image

Yingakho ngiyifanisa nogandaganda ngoba yimoto efanele nengathandwa umuntu onesidingo semoto elungele imigwaqo yasemakhaya enamtshe nengalingani.

Igama leLand Cruiser liyahlonishwa kanti umshayeli ulindele okukhulu ngenxa yegama kodwa i-FJ iza nokuba isiqwali nje semoto, nokuphoxayo ngoba abashayeli balindele ukuthi nasetiyeleni ize nokukhulu.

Kuzoba nzima ukukhetha phakathi kwezimbangi zayo ezifana neFortuner, iGWM Tank 300, neJetour T2, ezikunika okuthe xaxa kunayo.