09  | Izindaba

Friday, 23 October  2026

Kulobe: uThandoluhle Ngubo

Izindaba

Umndeni neminjunju yokulahlekelwa yindodakazi

Sekuphele izinyanga ezine, ingaziwa ukuthi ikuphi...

NGUNKZ Londeka Aphiwe Ndlovu, wasoPhondweni, eMtubatuba, osekuphele izinyanga ezine enyamalele.

UMNDENI wakwaNdlovu, oPhondweni, eMtubatuba, ufisa ukuthola noma yithambo le ndodakazi yawo, osekuphele izinyanga ezine inyamalele.

Kubikwa ukuthi, uNkz Londeka Aphiwe Ndlovu (18), wanyamalala ngoJune nonyaka. Kuthiwa washiya ingane yakhe enezinyanga eziwu-18 ilele yodwa.

Ngokusho kukaninalume, uMnu Lamlani Mbuyisa, uthi umbiko wokunyamalala komshana wakhe wawuthola ngemuva kwezinsuku ezimbili enyamalele. Uthi ngalolo suku wayebikelwa ukuthi kukhona owesilisa ofonele umndeni, wafuna isamba semali.

"Lo muntu wafonela unina omncane, wambuza ukuthi uphi uLondeka. Wamphendula ngokuthi ukhona, wabe esemphikisa ethi unamanga ngoba uLondeka ukuye. Waqhuba wathi uma efuna ukumbona esaphila, kumele amfakele uR25 000.

"Unina omncane wambuza ukuthi uma emfakela imali ingane uzoyishiya kuphi, wachaza wabe esevala ifoni. Kwadlula isikhashana waphinde wafona, waphinde wabuza unina omncane wengane ukuthi imali uzoyifaka kuphi. Wamthumelela i-account yaseTymebank.

Image

"Amaphoyisa adembesela kakhulu kuleli cala. Umuntu okwatholakala ukuthi i-account ngeyakhe, watholakala esifundazweni saseMpumalanga. Sezwa kuthiwa uboshiwe kodwa kwaphinde kwathiwa udedeliwe.

"Okusiphatha kabi kakhulu wukuthi ukunyamalala kwezingane ezincane kuke kwaba yinto ejwayelekile kule ndawo. Sikhuluma nje kukhona osenyamalale iminyaka emibili," esho.

IMeya kaMasipala iNkosi uMtubatuba, uMnu Mxolisi Mthethwa ihambele lo mndeni. Icele izakhamizi zaseMtubatuba namaphethelo ukuba zilekelele ekufuneni uLondeka.

Ithi namona ngubani ongaba nolwazi,  olungalekelela angaphumela obala.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uSgt Thenjiswa Ngcobo ukuqinisisekile ukuthi amaphoyisa avule idokodo lophenyo ngokunyamalala komuntu.

Image

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal ukuqinisisekile ukuvulwe kwedokodo lophenyo ngokunyamalala komuntu.